Lubhalwe nguPalesa Matlala
IPhini likaNobhala Jikelele weSALAWU, uKhayalethu Sibeko, uthi izikhala ezingenabantu kanye nomsebenzi onzima kubeka engcupheni ilungelo labantu baseNingizimu Afrika lokuqulwa kwecala ngendlela efanele.
Abasebenzi beLegal Aid banikeze iPhalamende kanye neLegal Aid South Africa izinsuku eziyishumi ukuthi baphendule izimfuno zabasebenzi, umthwalo wokusebenza, iminyaka yomhlalaphansi nezimo zokusebenza.
Abasebenzi bakwaLegal Aid South Africa batelekile kuleli sonto.
Lesi siteleka sezinsuku ezimbili siqale ngoLwesithathu, ngomhlaka-17 kuNhlangulana, ngamamashi ngaphandle kwamahhovisi eLegal Aid ezweni lonke. NgoLwesine ngomhlaka-18 kuNhlangulana, amalungu enyunyana amashela emahhovisi kaNgqongqoshe wezoBulungiswa uMmamoloko Kubayi ukuyoletha izimfuno zawo ngqo.
UMengameli wenyunyana uthe ukubhalela uNgqongqoshe kanye noSihlalo webhodi leLegal Aid akuphendulwanga. Usole bobabili ngokunganaki inhlalakahle yabasebenzi bosizo lwezomthetho.
IPhini likaNobhala Jikelele weSALAWU, uKhayalethu Sibeko, uthe abameli bathwele kanzima. Abanye abameli bomphakathi baphatha amafayela angaphezu kuka-200 ngesikhathi. Abanye abammeli bomthetho kulindeleke ukuthi bavele enkantolo namafayela afinyelela kwangu-15 ngosuku olulodwa, abhekelele amacala obugebengu, izicelo zebheyili nezinye izindaba kanye kanye.
“Ulindele kanjani ukuthi lowo muntu alethe ukumelwa okusemthethweni okuyikhwalithi?” Kusho uSibeko.
Abasebenzi bathi izikhala ezingenamuntu ezidalwe wukwesula, abathatha umhlalaphansi nabaxoshwayo azivalwa. Umsebenzi udluliselwa kunoma ngubani osele.
USibeko uthe isimo sibe sibi ngemuva kokuqokwa kwebhodi elisha leLegal Aid ngoNdasa ka-2024.
Inyunyana iphinde ithi abasebenzi bazithengela amapeni, amaphepha kanye namabhuku okubhalela ukuze benze umsebenzi. Babe sebengena enkantolo babhekane nabashushisi bombuso ababili noma abathathu ngakolunye uhlangothi.
“Njengomsebenzi weLegal Aid kuyadumaza uma uphethe amafayela amakhulu ubhekene nabashushisi ababili noma abathathu ngaphesheya,” kusho uSibeko.
ISALAWU ifuna kunyuswe iminyaka yokuthatha umhlalaphansi. Abasebenzi bakwa-Legal Aid kumele bathathe umhlalaphansi uma sebeneminyaka engu-60, kanti abashushisi namalungu ophiko lwezobulungiswa bangasebenza kuze kube phakathi kuka-65 no-70.
Umbango usudluliselwe kwa-CCMA ngemuva kokubhuntsha kwezingxoxo.
I-Legal Aid South Africa iphikile ukuthi isiteleka siphazamise ukusebenza kwezinkantolo, yathi izinhlelo zezimo eziphuthumayo zigcina izinsiza ziqhubeka ngesikhathi sonke.
ISALAWU inikeze iPhalamende neLegal Aid South Africa izinsuku eziyishumi ukuthi baphendule.
Esithombeni esingenhla: Abasebenzi bakwaLegal Aid South Africa bebhikisha ngaphandle kwenkantolo yesifunda saseGqeberha ngoLwesithathu.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe
