Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Amaphoyisa aseWestern Cape abophe abantu abane base-Namibia ngecala lokugebenga indlu endaweni yasemakhaya eMelkbosstrand ngoMsombuluko ebusuku.
Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Malcolm Pojie uthe owesifazane ubike ukuthi uboshwe yizigebengu, zase ziphequlula emzini wakhe zifuna izinto ezibalulekile.
Abasolwa babaleke nobucwebe nezinto ezisebenza ngogesi, kodwa owesifazane ukwazile ukuzikhulula wathola usizo.
Amaphoyisa asheshe ahlela umkhankaso wokuthungatha abasolwa okukholakale ukuthi basekhona endaweni.
Ithimba lamaphoyisa lithole abasolwa abane emapulazini aseduze lisebenzisa umshini i-thermal imaging device okwazi ukuthola ukushisa okukhiqizwa umzimba ebusuku.
Abasolwa abaneminyaka ephakathi kuka-29 no-35 babe sebeboshwa, kwatholakala nezimpahla ezebiwe okubalwa ubucwebe nemishini kagesi.
Amaphoyisa aphinde athola imimese nama-screwdriver asetshenziswa njengezikhali ngesikhathi kubanjwa inkunzi.
Abasolwa bazovela eNkantolo yeMantshi yase-Atlantis ngoLwesine ngomhlaka-22 kuNcwaba, ngamacala okugebenga.
Isithombe esingenhla: Amaphoyisa.
Umthombo: Ifayela
