Abaphangi babanjwe oqotsheni

Sekuphele izinyanga manje , amadoda amane asebenzela inhlangano yamatekisi i-ZMTA (i-Zwanani Marabastad Taxi Association) e-Olievenhoutbosch ngaphandle kwasePitoli, ehlukumeza abashayeli nsukuzonke, ebaphuca imali futhi engabanjwa.

Bayise kude kakhulu ngoLwesihlanu. Bazenza amaphoyisa omgwaqo bamisa umshayeli emgwaqeni u-R55, bafuna imali eyizi-R6,000 kuye baze bamphoqa nokuthi ahambe ayokhipha imali kwi-ATM.

Bekhombe ngesibhamu, umshayeli ukhiphe imali eyizi-R2 000 kuphela kwi-akhawunti yakhe.

Konke lokhu kwenzeke kubhekwe ngokugcwele amalungu ophiko lwe-Gauteng Traffic Police Public Transport Intervention ahlasele abopha laba abane.

Okhulumela amaphoyisa omgwaqo e-Gauteng uSello Maremane uthe impimpi enesibindi ilume amaphoyisa indlebe, kuhlanganisa nokunikeza inombolo yemoto.

“Lokho kusisizile ukuthi sikhande isu futhi sibabambe oqotsheni.

“Esikhathini esedlule besithola imibiko ngezikhathi ezithile ngalokhu kodwa umuntu obefona ubengenalo ulwazi olwanele noma besifika sekwedlule isikhathi lapho kuvinjwe khona umgwaqo ngokungekho emthethweni.”

Uthe amaphoyisa athole isibhamu esingekho emthethweni nemali eningi eyacelwa kwabanye abashayeli ngalolo suku.

UMaremane uthe ukuboshwa kwalaba bantu kubekulula kakhulu ngoba lokhu bekuyinsakavukela umchilo wesidwaba – lapho osomatekisi bemisa khona abashayeli bezimoto zokulanda abashayeli bezinqola babashaye noma bebafune imali.

“Sithola imibiko yokuthi lokhu kwenzeka ezweni lonke lapho abagibeli bamatekisi bezinhlangano zamatekisi ahlukene bebeka izivimbamgwaqo ezingekho emthethweni.

“Abanalungelo lokwenza lokho.

“Sicela abashayeli bezimoto ukuthi babike noma yiziphi izigebengu ezisolisayo emigwaqeni yase-Gauteng.”

Abasolwa abane kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yasePitoli namuhla, babhekene necala lokuzenza amaphoyisa omgwaqo, ukuthumba, ukukhwabanisa nokuba nesibhamu esingekho emthethweni.

Izihloko zakamuva