Abangani kwi-state capture sebengamaLungu amele iqembu likaZuma ePhalamende

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli Wezepolitiki

Abantu abaqavile ababeyingxenye yokudunwa kombuso waseNingizimu Afrika nababesondelene nowayengumengameli uJacob Zuma, sebephinde bahlangana njengamaLungu ePhalamende ngaphansi kweqembu le-MK. 

La maLungu ePhalamende ahlanganisa owayeyisikhulu sakwa-Eskom uBrian Molefe, owayeyisikhulu esiphezulu kwa-Prasa uLucky Montana, owayeyisikhulu sakwa-Transnet uSiyabonga Gama noMzwanele Manyi owathatha izintambo zenkampani yezindaba zezelamani zakwaGupta.

Lesi senzo sikhombisa ukuthi labo abathinteka ekudunweni kombuso yidlanzana ngesikhathi uZuma engumengameli bayahlangana ukuze baphonsele inselelo uhulumeni kaMengameli uCyril Ramaphosa wobumbano kuzwelonke (GNU). 

Lolu hlelo lokudunwa kombuso, olubandakanya ukuphanga izinkampani zikahulumeni ezifana no-Eskom, u-Prasa, no-Transnet, kulinganiselwa ukuthi ludle izwe imali engaphezu kuka-R1.5-trillion.

Iqembu likaZuma i-MK liwine amavoti angaphezu kuka-15% okhethweni olwedlule, lathola izihlalo ezingu-58 ePhalamende. Muva nje, uZuma ukhiphe amalungu angu-18 eqembu le-MK ePhalamende wafaka abalingani bakhe abasondelene naye kusukela ngesikhathi sokudunwa kombuso.

UMolefe kumanje ubhekene namacala okukhwabanisa nenkohlakalo abandakanya u-R398-million, kanti uGama nabanye abathathu ababeyizikhulu zakwa-Transnet baboshwa ngo-2022 ngamacala enkohlakalo nokushushumbisa imali. 

Yize uMontana esolwa ngokuphatha budedengu i-Prasa kodwa akakabekwa cala.

Laba balingani bakaZuma bebephakathi kwamalungu ayisishiyagalombili eqembu le-MK afungiswe ePhalamende ngoLwesithathu. Amanye amalungu amasha eqembu le-MK ePhalamende kubalwa uThembisile Mjadu, uNompumelelo Gasa, uGezani Kobane, noThulani Gamede.

Ngesonto eledlule, uZuma esithangamini nabezindaba uthe iqembu le-MK lizothumela abantu abanamava ePhalamende ukuze bezokwazi ukuphoqa uhulumeni kaRamaphosa ukuba aziphendulele ngakwenzayo. 

Njengeqembu elikhulu elingasiyo ingxenye ye-GNU, i-MK manje isiyiqembu eliphikisayo ngokusemthethweni ePhalamende futhi linamandla amakhulu esiShayamthetho saKwaZulu-Natal.

Esithombeni ngenhla: Ithimba likaZuma uLucky Montana, uBrian Molefe, uJohn Hlophe, uSiyabonga Gama noJimmy Manyi. 

Umthombo: X

Izihloko zakamuva