Abahleli bezimpi zesibhakela enkingeni yokujeziswa 

Lubhalwe nguLinda Ximba

Abaphathi be-Joy4Joy Boxing Promotions basohlangothini olungeluhle lwe-Boxing South Africa (BSA) kulandela ukwehluleka kwabo ukwenza umqhudelwano eThekwini.

Le nkampani ibihlele umqhudelwano obusenkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida, eThekwini ngeledlule ngeSonto lapho obekuzolwelwa khona izicoco ebezingenamuntu se-World Boxing Federation (WBF), se-World Boxing Organisation kanye nese-International Boxing Organisation.

Kodwa-ke, lo mqhudelwano ubambezeleke kakhulu futhi kuye kwashintshwa usuku lomqhudelwano lwaba uLwesibili kuleli sonto.

Ngemuva kwalokho usuku luye lwashintshwa okwesibili umqhudelwano wahlehliselwa uLwesine ngaphambi kokuba uhoxiswe ngokuphelele.

Lo mqhudelwano wenze ukuthi isibalo sezimpi ebezihlosiwe sinqanyulwe phakathi ngemuva kokuthi ophromotha behluleke ukuhlangabezana nezibopho zezimali zabashayisibhakela baphesheya. Phezu kwalokho le nkampani ibhekane nezinye izijeziso ngokungakhokhi inhlawulo ku-WBF.

Lo mqhudelwano usususe umsindo ngokusebenzisa izithombe zikaFloyd Mayweather kanye nezeSilo uMisuzulu Zulu ngokungemthetho ezingqwembeni nokuholele ekutheni laba ababili bathathele le nkampani izinyathelo zomthetho.

Umphathi we-BSA u-Erick Sithole uthe: “Sizobiza abaphathi be-Joy4Joy Promotions ukuthi beze phambi kwesikhulu sezomthetho.”

USithole udalule ukuthi le nkampani ibivele ingaphansi kophenyo lwe-BSA ngaphambi komqhudelwano ongaphumelelanga.

“Besivele siluqalile uphenyo nangaphambi kokuthi umqhudelwano uhoxiswe. Sizobheka ukuthi ungakanani umonakalo bese sinquma ukuthi siyazithatha yini izinyathelo zokuqondiswa kwezigwegwe noma cha.”

Sekuvele ukuthi okunye okudale ukuthi lo mqhudelwano ungaqhubeki kungenzeka izibopho ezithile azifezekanga.

Ngesikhathi kuthintwa isikhulu esiphezulu se-Joy4Joy uSquire Ndamase kanye nophromotha uJacob Mnisi ukuba baphawule, bathe bazokhipha isitatimende maduze.

Esithombeni esingenhla: ISilo uMisuzulu nezikhulu ze-Joy4Joy eThekwini

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva