Abahlali basePalm Court abafuni kufakwe amamitha azimele 

Lubhalwe nguSbongile Nonyana

Abanikazi nabahlali basemafulethini e-Palm Court, okuyibhilidi elikhulu elise-Sunnyside, ePitoli bamashele emahhovisi ase-Mid City ngoMsombuluko bekhalaza ngokufakwa kwamamitha azimele ebhilidini labo.

I-Mid City okuyinkampani ephethe izakhiwo ezingu-50 e-Tshwane, ihlela ukufaka amamitha azimele kuphela e-Palm Court. 

Iqeqebana labahli, kanye nequlu lamalungu e-EFF (Economic Freedom Fighters) bahambise incwadi yezikhalazo emahhovisi e-Mid City ku-Jorissen Street.

UMajuda Mauwane, usihlalo we-EFF ewadini lesi-81 uthe iSunnyside iyikhaya labantu abaningi abasha, wathi amamitha amasha azokwenza ukuhlala khona kubize kakhulu. 

“I-Mid City iphethe amafulethi angaphezu kuka-50 e-Sunnyside, wonke anezinkinga. Uma kufakwa lolu hlelo luzobiza kakhulu. Yingakho thina njenge-EFF siphikisana nalo. Sidinga amamitha ajwayelekile angaphansi kukamasipala wase-Tshwane,” kusho Mauwane.

UMauwane uphinde wadalula ukuthi i-Mid City ithumela izincwadi kubanikazi bamafulethi ibazisa ukuthi amamitha azofakwa ngoLwesibili ngomhlaka-20 kuNcwaba. 

“Le nto imbi kakhulu. Sesike sabhikisha siphikisana nalokhu. Kusukela ngo-2010, nangaphambi kokuba kube khona i-EFF, abantu bebebhekana nalolu hlelo olumba eqolo lokufakwa kwamamitha,” kuqhuba yena.

UBenjamin Mathebula, oyikhansela le-EFF e-Tshwane, wengeze ngokuthi umasipala wase-Tshwane unike i-Mid City imvume yokufaka amamitha azimele. 

“I-Mid City nomasipala wase-Tshwane bayabenzisana ukuze bobabili bayahlomule ngokwezimali kulolu hlelo. Njenge-EFF, sizolwisa nakho lokhu,” kusho yena.

USibusiso Ndlazi, ongumnikazi wefulethi isikhathi eside e-khona Palm Court, uthe uhlelo oluzimele lwamamitha alunasidingo futhi lubiza kakhulu kubanikazi nabaqashi. 

“Sisayine incwadi yezikhalazo njengabanikazi sisho ukuthi asihambisani nalokhu,” esho. UNdlazi udalule nokuthi uma i-Mid City iqhubeka nalolu hlelo bahlela ukuthatha izinyathelo zomthetho.

UMike Oleyinka, ongumhlali wase-Palm Court, uthe abaqondi ukuthi kungani i-Mid City ifuna ukushintsha uhlelo lwamamitha. Ucabanga ukuthi mhlawumbe bazama ukuphusha abanikazi bamafulethi ukuthi bawadayise. 

“Silapha ukuzokweseka abanikazi bamafulethi ngoba okuthinta bona kuyasithinta nathi. Uma sikuvumela lokhu sizohlukumezeka ngoba lolu hlelo lwamamitha lubiza kakhulu,” engeza.

UDick Groenewald, oyisikhulu esiphezulu e-Mid City, uthole incwadi yezikhalo wathembisa ukuphendula zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa.

Esithombeni esingenhla: Amalungu e-EFF ebhikisha. 

Umthombo wesithombe: Sbongile Nonyana

Izihloko zakamuva