Lungani Zungu
Inhlangano emele abahlali basemkhukhwini isabisa ngokuba nombhikisho omelene neqembu le-ANC kulandela isinqumo sikamasipala weTheku ngokuchitha izigidi ezingama-54 zamarandi ukuxhasa amaqembu ezemidlalo eThekwini.
Lokhu kulandela ngemuva kwesonto elidlule kwamemezelwa ukuthi idolobha lizoxhasa iqembu lebhola i-Royal AM FC, iqembu eliphethwe usomabhizinisi waseThekwini uShauwn Mkhize, ngemali eyizigidi ezi-5,25 zamarandi iminyaka emithathu. Isiyonke imali abazoyikhipha iyizigidi ezi-15,7 zamarandi.
Iqembu le-Lamontville Golden Arrows, eliphethwe uManto Madlala, lizothola imali efanayo.
AmaZulu FC, iqembu eliphethwe usopolitiki ongusomabhizinisi uSandile Zungu, lizobona ukukhuphaka koxhaso lwemali lusuka kwizigidi ezi-3,75 inyukela kwizigidi ezi-2,5 zamarandi ngemuva konyaka weminyaka emithathu elandelayo. Le mali isiyonke eminyakeni emithathu izoba izigidi ezi-11 zamarandi.
Iqembu lebhola lombhoxo elibizwa nge-Cell C Sharks lizothola imali eyizigidi ezi-4 zamarandi kule minyaka emithathu ezayo, isiyonke izoba izigidi ezi-12 zamarandi.
Sekuhlangene, kuzophuma imali eyizigidi ezingama-54 kuxhaswa amaqembu ezemidlalo eThekwini.
Lolu daba selushiye abahlali basemkhukhwini bedinwe beganwe unwabu.
“Abahlali abaningi basemkhukhwini abanawo amanzi nezindlu zangasese, kodwa umasipala uthatha isinqumo sokuphisana ngemali eyizigidi kubantu abanemali eningi vele,” kusho uThapelo Mohapi okhulumela abahlali basemkhukhwini.
Uphinde wathi kuyathusa ngoba i-ANC ihlezi ithi ikhathalela wonke umuntu. “Kodwa kuyacaca ukuthi abanendaba nathi.”
“Imidlalo siyayiseka kakhulu, kodwa awukwazi ukuziba abantu abanhlwempu ngenxa yokweseka abantu abacebile njengoShauwn Mkhize kanye noSandile Zungu. Sizokwenza isiqiniseko sokuthi bayasizwa isikhalazo sethu. Lobu akusibo ubulungiswa obenziwa umasipala weTheku ebenza kubahlali,” kusho uMohapi.
Uphinde wathi abahlali basemkhukhwini KwaZulu-Natali abalinganiselwa kwinani labantu abayizi-100,000, abase-Gauteng, iMpumalanga kanye ne-Eastern Cape, angeke bavotele iqembu le-ANC njengoba kuzovotelwa ohulumeni bendawo mhla zi-1 kuLwezi.
Ngesikhathi somhlangano we-Exco ngesonto eledlule, umholi weqembu le-DA uNicole Graham uchithe le nkulumo, wathi abantu abacebile njengomphathi we-Royal AM uMkhize kumele azixhasele yena iqembu lakhe.
Imeya uMxolisi Kaunda uvikele lolu xhaso, wathi lokhu kuzosiza idolobha kanye nokukhulisa ezokuvakasha.
Uthe imali ezoxhasa amaqembu iqhamuka kosomabhizinisi bedolobha, ezokuvakasha kanye nabadayisi.