Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Abafundi abamnyama baseLentegeur Senior Secondary School eMitchell’s Plain, eKapa, bathi bahlukunyezwa ngabafundi abangamaKhaladi kanti abazali babo bafuna uMnyango wezeMfundo ubathuthele kwezinye izikole.
Omunye umzali ongathandanga ukudalulwa uthe sekuneminyaka abafundi bamaKhaladi behlukumeza izingane ezimnyama kulesi sikole.
“Izolo izingane zethu zicishe zagwazwa ngaphakathi esikoleni. Azizange zigcine ngokuhlaselwa abanye abafundi kodwa namalungu omndeni noma abangani abayizigelekeqe,” kusho umzali.
UXolisa Zengethwa, isakhamuzi saseKhayelitsha, uthe kubukeka sengathi isikole asizithatheli phezulu lezi zinkinga.
“Izingane ezimnyama ziphoqeleka ukuthi zinike abafundi abangamaKhaladi imali. Uma bengenamali bayahlaselwa,” kusho uZengethwa.
“Ekuqaleni abafundi abamnyama bebengalwi, kodwa manje sebeyazivikela. Bakhathele ukuxhashazwa. Kodwa lapho bephindisela, abafundi abangamaKhaladi bafonela imindeni yabo nabangane ukuze babasize futhi basabisa ngokubagwaza uma bengasishiyi isikole.”
Umfundi ongathandanga kudalulwe igama lakhe ngoba esaba ukuhlukumezeka uthe: “Ngize kulesi sikole ngoba ngingakwazi ukungena kwesinye isikole kodwa manje sekumele ngiyeke ukufunda njengoba sixhashazwa futhi sisongelwa.”
Abanye abafundi abamnyama bathi batshelwe ukuthi iMitchell’s Plain ngeyamaKhaladi kuphela.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo eWestern Cape u-Unathi Booi uthe isikole siyazi ngale nkinga.
“Isikole sithi ingxabano eqhubekayo ihlobene namaqembu ezigelekeqe hhayi ngokobuhlanga, kodwa bazophenya ngezinsolo.
“Isikole sinobudlelwano obuhle namaphoyisa endawo, abesiza ngokuseshwa futhi abakhona esikoleni uma sekuphunywa ukuze asingathe noma yiziphi izigameko.
UBooi uthe uMnyango wezeMfundo uhlinzeka ngosizo lokwelulekwa ngokomqondo kulesi.
I-Scrolllla.Africa yabika ngenyanga edlule ngesigameko sasePinelands High School eKapa lapho abafundi bamaKhaladi baGrade 8 benza indali ukuze bathenge abafundi abamnyama njengezigqila nge-Bitcoin.
Esithombeni esingenhla: Abafundi abamnyama abafunda eLentegeur Senior Secondary School eMitchell’s Plain kusolwa ukuthi bahlukunyezwe ngamakhaladi.
Umthombo: Sithunyelwe
