Abadle ubhedu kweyomhlaba bafuniswa okwemali

Joyina uRazeen Gutta embikweni wakhe wamasonto onke wokufuduka kwabadlali okwenzeka kuleli naseYurophu.

Inkontileka entsha ye-PSG ingase isondele kuLionel Messi, kodwa abadlali abafana no-Enzo Fernandez kanye no-Alexis Mac Allister ngokuqinisekile bazobhekwa ngamaqembu athile aseYurophu. Khonamanjalo ezindabeni zakuleli amaqembu ase-Soweto iChiefs nePirates abheke ethalenteni elisha.

EYurophu

Njengoba kuvuleke iwindi ngemuva kwemidlalo yeNdebe yoMhlaba ye-Fifa emangalisayo ebise-Qatar, akungatshazwa ukuthi amaqembu amaningi azobheka umdlali osemncane obevelele kulo mqhudelwano – u-Enzo Fernandez.

Kubikwa ukuthi iqembu lalo mdlali (21) i-Benfica lithole isicelo sika-£110 million (u-R2.2 billion) esivela kwi-Chelsea sokuthenga uFernandez, nokuyinto engamenza abe umdlali obiza kakhulu emlandweni we-Premier League uma kwenzeka isivumelwano siphumelela.

Esinye isihlabani seNdebe yoMhlaba esisematheni ngu-Alexis Mac Allister odlalela i-Brighton. Ngale kokuxhumana namaqembu aphezulu emhlabeni wonke, lo mdlali (24) ukwenze kwacaca ngezinhloso zakhe engxoxweni abe nayo ne-Albion TV.

“Ngiyazama ukuthi ngingafundi kakhulu. Ngihlezi ngithi ngijabule lapha, angijahile ukuhamba. Ngizizwa ngikahle impela, ngibonga kakhulu ngaleli qembu, ozakwethu kanye nabo bonke abantu abasebenza lapha. Ngigxile emdlalweni olandelayo nakuleli qembu,” esho.

Ngale e-North London, i-Arsenal isefomini ephezulu futhi njalo uma kukhulunywa ngeqembu likaMikel Arteta igama likaMykhailo Mudryk lihlezi livela.

Lo mdlali wase-Ukraine uxhunyaniswe kakhulu nokuthuthela kwi-Gunners futhi ngokusho kukaFabrizio Romano konke kumayelana nesivumelwano se-Arsenal kanye noShakhtar Donetsk ngemali yokudlulisa ngemibandela yomuntu siqu.

Owayengumdlali wasesiswini we-Liverpool, uPhilippe Coutinho naye uke waba sematheni ngamahlebezi amatanisa lo mdlali we-Aston Villa nokufudukela kwi-Corintians ezweni lakubo e-Brazil.

Lo mdlali (30) ukubeke kwacaca ukuthi lawo mahemuhemu akude neqiniso, kodwa-ke ubhale ezinkundleni zokuxhumana ukuthi ujabule futhi ugxile ngokuphelele ekudlaleni ezingeni eliphezulu ukusiza i-Villa ukufeza izinhloso zayo.

Sekuphele izinsuku ezimbalwa kuvulwe iwindi, kodwa singase sibe nenye inkinga njengoba kubikwa ukuthi i-Manchester United kanye ne-Bayern Munich balwela ukusayinisa uDani Olmo.

Kuthiwa lo mdlali wase-Spain okwamanje odlalela i-RB Leipzig ubiza inani lemali elinganiselwa ku-£35 million (u-R700 million) futhi ungomunye okufanele abhekwe ngabomvu kuleli windi nangale kwalo.

ENingizimu Afrika

Eduze nasekhaya, umgadli (22) uMarou Souaibou kungenzeka ukuthi usasendleleni eya kwi-Orlando Pirates. Lo mdlali wase-Cameroon othole indondo yomdlali wonyaka ovelele ushayele i-Cotton Sport amagoli angu-21 ngesizini edlule kanti ngemuva kokuxhunyaniswa nokuya e-Soweto, i-SABC Sport ibe ngeyakamuva ukubika ukuthi lesi senzo “sisamile.”

Engxenyeni yeChiefs e-Soweto, owayengumgadli weBafana Bafana uDino Ndlovu angase abheke kwiKaizer Chiefs. IChiefs kuzomele ivimbe i-TS Galaxy okubikwa ukuthi nayo iyamfuna lo mdlali (32), ngokubika kwe-GOAL.

Esithombeni esingenhla: U-Enzo Fernandez

Umthombo wesithombe: @thebluedodger

Izihloko zakamuva