Kubuye ithemba bethenjiswa umgwaqo abebehamba endleleni yezinkomo

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Kuqhilike izihlathi ngenxa yenjabulo emphakathini waseMagengebula nasesigodini sakwaNompondo ngemuva kwezindaba zokuthi ngemuva kweminyaka engu-30 izwe lakhululeka, nabo sebezoba nomgwaqo.

Lokhu kuvele emcimbini obukwaHlabisa ngaphansi koMkhanyakude kuleli sonto.

UMeya kamasipala uMnuz Comfort Khumalo utshele izinkumbi zomphakathi ukuthi ukwakhiwa kwalo mgwaqo oyibhuqu kuzothatha izinyanga eziyisithupha ngaphambi kokuba uphothulwe.

Lo mphakathi ubulokhu uhamba emgwaqeni owakhandwa izihlibhi zezinkomo endulo kungakafiki ngisho unyaka wenkululeko ka-1994.

“Ngenxa yalesi simo, lo mphakathi ubuthwala kanzima uma kufanele uthole usizo lwamaphoyisa noma abezimo eziphuthumayo ngoba izimoto zabo bezingakwazi ukufinyelela kulezi zigodi. Uma izulu linile kubheda kakhulu. Nokho singubuholi nathi sekuzofika ubuthongo ngoba uyaqala umsebenzi maduze,” kusho uKhumalo.

Imikikizo ibiqhuma phezulu abantu bejabulela ukuthi ngemuva kweminyaka bekhala, ekugcineni isililo sabo sizwakele.

UKhumalo udalule ukuthi lo msebenzi wokwakhiwa kwalo mgwaqo uzodla imali engaphezulu kancane kuka-R2 million.

Uveze nokuthi omunye umgwaqo ozohlomula owetiyela osedolobheni lakwaHlabisa obunenqwaba yemigodi ngenxa yamaloli athwala izingodo nempahla eyahlukene.

Lo mgwaqo ongu-St Lucia Road ubusubalekelwa abashayeli bezimoto abaningi.

UKhumalo uthe wona uzolungiswa ngemali engu-R2.3 million kanti ukuwufaka kabusha itiyela kuzothatha izinyanga eziphakathi kwezintathu nezine.

Izihloko zakamuva