Lubhalwe nguRazeen Gutta
Ngesikhathi kuvela imibiko yokuthi isihlabani sebhola uCristiano Ronaldo uvulele izisulu zokuzamazama komhlaba iminyango yehhotela lakhe eliwubukhazikhazi e-Morocco uye wathola ukungconywa okukhulu.
Kodwa-ke, izindaba ezinhle zibe ngezesikhashana njengoba okhulumela ihhotela i-Pestana CR7 e-Marrakech esekuqinisekisile ukuthi amagumbi alo asagcinelwe izivakashi ezizokhokha kuphela.
Isibalo sabashonile ekuzamazameni komhlaba okungu-6.8 kwangoLwesihlanu senyuke safinyelela ngaphezu kuka-2,600 kanti abantu abaningi basale dengwane edolobheni elikhulu kunawo wonke ezweni.
Kuqale kwasabalala amahlebezi okuthi usozimali uRonaldo ukhoselise ababaleki ngesikhathi isivakashi sase-Spain sitshela abezindaba ukuthi “bathole isiphephelo” kule ndawo ngoMgqibelo. Kodwa-ke, lokhu sekucaciswe okhulumela leli hhotela.
Ngokushesha kuye kwavela ukuthi abekho ababaleki abazothola isiphephelo samahhala kunoma yimaphi amagumbi okulala kanokusho angu-147 e-Pestana.
Okhulumela ihhotela usheshe wacacisela iphephandaba i-Marca ukuthi le mibiko ingamampunge.
“Lena imininingwane engamampunge. Wonke amakhasimende esinawo njengamanje abhukhe ngendlela evamile.
“Sithole izicelo eziningi zokwamukela abantu ngoba ihhotela alizange lithinteke ekuzamazameni komhlaba. Izihambeli eziningi zifike osukwini olwedlule kodwa akulona iqiniso ukuthi sikhoselisa ababaleki nezisulu.”
Uma befuna ukuhlala lapho kuzodingeka ukuthi bakhokhe okungenani imali engu-R3,500 ngokwesizindalwazi sehhotela elavotelwa njengehhotela elisha elingcono kakhulu e-Afrika kuma-World Travel Awards nyakenye.
Esithombeni esingenhla: Ihhotela likaRonaldo e-Marrakech
Umthombo wesithombe: @joshua_ubeku
