Lubhalwe nguToby Shapshak
Ngemuva kokuzama kanzima ukuvimbela iPhalamende ukuthi lingamthwesi icala eminyakeni emibili edlule, uMvikeli woMphakathi uBusisiwe Mkhwebane ukhishiwe esikhundleni.
Okokuqala ngqa eNingizimu Afrika yentando yeningi ukuthi uMvikeli woMphakathi asuswe esikhundleni.
Sekusele inyanga ngaphambi kokuthi ahlomule u-R10 million ngemuva kokungavuseleli isikhathi sakhe seminyaka eyisikhombisa, iPhalamende livotele isinqumo seSigaba 194 sokuthi kumele asuswe esikhundleni.
Kulandelwe izinqumo eziningi zenkantolo ebezingabaza amandla akhe kanye nokuqonda umthetho odingwa umuntu obaluleke njengoMvikeli woMphakathi.
Amanye amacala abethweswe wona ngelokuthi umoshe imali ezama ukuvikela imibiko yakhe engaphumelelanga ngemuva kokuchithwa yizinkantolo.
Wasebenzisa imali elinganiselwa ku-R147 million ngezindleko zecala kanye nemali engaphezu kuka-R30 million ezivikela ekuqulweni kwamacala eSigaba 194.
“Okwethu bekungekhona ukuphikisa uphenyo olutholwe yithimba elizimele noma izinkantolo,” kusho uRichard Dyantyi usihlalo wekomiti leSigaba 194, ebhekise ekuqulweni kwamacala abekwe wona awokungaziphathi kahle nokungawazi umsebenzi.
“Ngokuphambene nalokho, sezwa ubufakazi bamahora amaningi futhi sathola nobufakazi obuningi bemibhalo. Lapho esithole khona ukungaziphathi kahle kanye nokungakwazi ukusebenza ngendlela, siyaqiniseka ukuthi u-advocate Mkhwebane akazange aveze noma yikuphi ukuzivikela okuzwakalayo ngokuziphatha kwakhe ukuze asinxenxe noma sicaciseleke.
“Eqinisweni, lolu phenyo luveze ezinye izibonelo zokungaziphathi kahle nokungakwazi ukwenza umsebenzi ngendlela futhi sibonga leli komiti elethule ubufakazi ngendlela elenze ngayo ngoba bekungeke kugqame konke.”
Izinselelo zakhe zomthetho zenze ukuthi i-Seanego Attorneys ithole u-R55 million, kwathi u-Adv Dali Mpofu SC obemmele kuqulwa icala ukhokhelwe isamba sika-R12 million.
Ukulalelwa kwesigaba 194 kulandelwe ikhwelo leSigungu Sikazwelonke esaphakamisa ngo-2021 ukuthi uMkhwebane aphenywe ngokungaziphathi kahle nokungakwazi ukusebenza ngendlela ngemuva kophenyo lwakhe olwasusa umsindo, lwachithwa yizinkantolo.
Esithombeni esingenhla: UBusiswe Mkhwebane
Umthombo wesithombe: Twitter
