Uzwelo engomeni

Noko Mashilo

Ngengoma yakhe eshisa izikhotha ye-Afro pop, iHamba Kahle, uMbongeni “Moh” Mavuso ududuza labo abashonelwe ababathandayo ngenxa ye-Covid-19.

“Zibuhlungu izinhliziyo zethu kodwa umkhuba ojwayeleke kakhulu ukucula. IHamba Kahle ingoma enamandla ekuthinta umphefumulo ophukile,” kusho uMoh.

UMoh ungumhlengikazi ngokomsebenzi eMtholampilo wase-Phoenix kuMasipala waseThekwini futhi ulahlekelwe ngozakwabo abambalwa ngenxa ye-Covid-19. Ingoma yakhe ihlonipha labo abashone ngenxa yezinkinga ezihlobene ne-Covid.

“Kube yinto ebuhlungu ukubona esibathandayo bebulawa yilesi sitha esingabonakali.

“Ngithathe isinqumo sokuqamba ingoma ezoduduza noma ngubani olahlekelwe yisihlobo, umngani noma umuntu amaziyo. Amazwi engoma nawo afundisa abantu ukuthi bangahlala kanjani bephephile,” kusho uMoh.

Owayephume isibili ku-X Factor SA 2014 ubelokhu engumhlengikazi esiza abantu abaningi kule nkinga, iningi labo ebeliphethwe yi-Covid-19.

“Yinto egculisa ukwedlula yonke ukwelapha imiphefumulo ephukile nokuthunga imizimba elimele.

“Ngiyawathanda womabili amathalente ami angivumela ukuba ngibe ngumculi nomhlengikazi. Kwenza impilo ibaluleke,” kusho uMoh.

“I-Covid ikhona futhi abantu bengafunda oluningi engomeni yami. Kunengxenye engomeni ethi Ngizokukhumbula, ezobaduduza,” kusho uMoh.

“Kubuye kungikhumbuze uBusi Mhlongo ongasekho owangikhuthaza ngomsebenzi wami wokucula.”

UMoh umatasa ngengoma yothando ebizwa nge-Sweet Lolly ehlelelwe ukukhishwa ngenyanga ezayo.

Uthe le ngoma izonikeza ithemba kulabo abasalinde abalingani bomphefumulo.

“Kuphinde kube yilabo abanezithandwa zabo futhi abafuna ukuvuselela uthando lwabo,” kusho uMoh.

“Umculo usaqhubeka nokuba ubizo lwami njengokuba ​​ngumhlengikazi. Ukwelulekwa ngokwengqondo kuyingxenye yomsebenzi wami futhi uma ngicula ngidlulisa umyalezo wethemba nokwelapha.”

Izihloko zakamuva