UZuma uthi lintekenteke icala elibhekiswe yi-ANC kuMK 

Lubhalwe nguSihle Mavuso

Ekhuluma nezinkulungwane zabalandeli boMkhonto Wesizwe (MK) ngaphandle kweNkantolo eNkulu yaseThekwini ngoLwesithathu owayengumengameli wezwe futhi ongumholi weMK uMnuz Jacob Zuma, ugxeke i-ANC ngokufaka icala elingenasisindo enkantolo.

I-ANC iyise iMK enkantolo ngokwephula imithetho ngokusebenzisa uphawu lweqembu kanye nezimpawu zokuhweba zayo.

UZuma ubekhuluma nezinkulungwane zabalandeli beqembu ngaphandle kwenkantolo ngemuva kokuba inkantolo igodle isinqumo saleli cala.

Ehleka imizamo ye-ANC, uZuma uthe i-ANC ilethe icala elintekenteke enkantolo kangangoba ngisho nommeli wabo ukuthole kunzima ukubamela enkantolo.

“Bengiqala ngqa ukuzwa umlungu ehluleka ukukhuluma kahle ngolimi lwakhe lwesiNgisi. Bekungekho cala la,” kusho uZuma etshela abalandeli beMK.

Ngesikhathi sekhefu, uNobhala-Jikelele we-ANC uFikile Mbalula naye ukhulume nezinkulungwane zabalandeli be-ANC abebebuthene e-Hoy Park eseduze.

UMbalula ukhwele wadilika kuZuma ethi weyesekwa yi-ANC ngesikhathi engumengameli kodwa useyijikele.

Enkulumweni yakhe uMbalula uzwakale ekwamukela ukuhlulwa kukaKhongolose njengoba etshele abalandeli bakhe ukuthi noma ngabe iqembu lihluliwe, “okusalayo siwubekile umaki wabo njengeqembu”.

Isitatimende sikaMbalula size ngemuva kokuthi ithimba labameli be-ANC livumile ukuthi alinawo amalungelo obunikazi bophawu lweMK – oselusetshenziswa yiMK emkhankasweni wokhetho, nokuthi luphethwe yinhlangano ebizwa nge-Legacy Project.

Ithimba labameli be-ANC lithe ukusebenzisa kweMK uphawu kuzodida abavoti, nokwenze ijaji labuza ukuthi ngabe i-ANC izosebenzisa uphawu olufanayo yini okhethweni.

U-Adv Dali Mpofu SC ephendula egameni leMK, uthe icala belingelona elokusetshenziswa kophawu njengoba i-ANC isho, kodwa bekungelokukhipha iMK ohlwini lwamaqembu ezepolitiki azovotelwa okhethweni lwangomhlaka-29 kuNhlaba.

NgoLwesibili iNkantolo yezoKhetho isichithile isicelo se-ANC sokuthi i-Independent Electoral Commission ihoxise ukubhaliswa kweqembu leMK.

Esithombeni ngenhla: Owayengumengameli uJacob Zuma ekhuluma nabalandeli beqembu leMK ngaphandle kweNkantolo eNkulu yaseThekwini. 

Umthombo: Sihle Mavuso/Scrolla Africa

Izihloko zakamuva