UZuma useyinqobile imizamo yokumvimba ukubeni ubuso beqembu lakhe iMK Party kwibhalothi

Lubhalwe nguSihle Mavuso

OwayenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma usebuyile ekubeni ubuso beqembu lakhe uMkhonto Wesizwe (MK) Party kubhekwe okhethweni langomhlaka 29 kuNhlaba.

Inkantolo yezoKhetho ngoLwesibili ichithe isinqumo seKhomishana yoKhetho eziMele sokuthi akakwazi ukuba sephepheni lokhetho emele iqembu lakhe ngoba oseke wagwetshwa,

Ibhentshi eligcwele leNkantolo yoKhetho linqume ukuthi isinyathelo sokuhoxisa uZuma yiKhomishana asilungile.

Icala liqulwe ngoMsombuluko eGoli kanti isinqumo siphume ngoLwesibili.

Ukuhoxiswa kukaZuma bekuzophoqa ukuthi iMK Party ikhethe umuntu ongadumile ezinhlakeni zayo zobuholi besikhashana.

Abathembekile eqenjini bebesaba ukuthi lokhu kuzobalahlekisela kakhulu ngosuku lokhetho.

Kwakhonjwa uZuma njengohamba phambili ohlwini lwabantu abahlukanise iqembu le-ANC phakathi kanti ukuqokwa kwakhe kwachithwa yi-IEC kulandela ukuthi kube khona umuntu ophikisa ubukhona bobuso bakhe ephepheni lokhetho kanti i-IEC yavumelana nokuvinjwa kwakhe.

Nokho iNkantolo yezoKhetho ivune yena lo mholi owake waba uMengameli we-African National Congress, yamvulela indlela yokuthi aqhubeke nokuhlala esicongweni ohlwini leqembu lakhe.

“Ngemva kokulalela izeluleko zabathintekayo futhi sebewafundile amaphepha afakwe irekhodi kwenziwa lo myalelo olandelayo: ‘Isicelo semvume yokudlulisa icala siyavunywa. Isicelo siyaphumelela.’

“Isinqumo seKhomishana yoKhetho sangomhlaka-28 kuNdasa ngoka-2024 ngokwemibandela iKhomishana yoKhetho yavumelana nokuphikisa kukaDkt Matsapola ukuthi uMnuz Zuma angenele ukhetho. Siyachithwa futhi kuzohamba ngalokhu okulandelayo: Ukuphikiswa kokungena kukaZuma kuyachithwa,” ifundeka kanjalo ingxenye yesinqo esithunyelwe nge-imeyili kubo bonke abathintekayo.

I-MK Party ebeka ithemba layo kuZuma ayikaphefumuli  ngemuva kwalesi sinqumo.

Osesithombeni esingenhla: UJacob Zuma.

Umthombo wesithombe: Ifayela

Izihloko zakamuva