Uzulelwa amanqe uSomlomo koweTheku

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

USomlomo kaMasipala weTheku uMnuz Thabani Nyawose ubhekene nesiphakamiso sokungabethembi ubuholi bakhe mayelana nezinsolo zokungaziphathi kahle nenkohlakalo.

Lesi siphakamiso sifakwe ikhansela le-African Democratic Change (ADeC) uVisvin Reddy ngoLwesine kodwa kudingeke ukuthi sihoxiswe siphinde sihanjiswe kabusha ngoba asizange sisayinwe uSomlomo.

UReddy utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uNyawose udukise isithangami sikasotswebhu emkhandlwini mayelana nezinsolo zenkohlakalo ezibhekene nemenenja womkhandlu uMusa Mbhele.

“Utshele iphephandaba ukuthi uMbhele akathinteki ezenzweni zenkohlakalo lapho okuthiwa wavuma ukuhoxiswa kwethenda eyakhishwa iTheku. Kamuva sathola incwadi efungelwe lapho uMbhele athinteka khona enkohlakalweni yokuhoxiswa kwamathenda.

“Olunye udaba ukuqashwa ngendlela engafanele kwabasebenzi abathile abangenazo iziqu ezifanele. UNyawose umataniswa nalelo hlazo,” kusho uReddy.

Uthe lesi siphakamiso asisayinwanga futhi basola uNyawose ngokungakwazi ukwenza umsebenzi wakhe ngoba kuwumsebenzi wakhe ukusayina iziphakamiso.

Udaba ludluliselwe kwithimba labammeli be-ADeC ukuze liqinisekise ukuthi kungani isicelo singasayinwanga.

I-Scrolla.Africa sithole ukuthi uNyawose ushushiswa iqembu lakhe lezepolitiki i-ANC esifundeni saseThekwini.

Kuthiwa abanye abaholi namakhansela e-ANC bafuna ahambe ngoba wenza ukuqashwa okungabazekayo kwamaqabane athile njengezikhulu ukuze abambe izikhundla zokuphatha.

Okhulumela i-ANC esifundeni saseThekwini uMlondolozi Mkhize akatholakalanga ukuthi aphawule ngalolu daba.

Nemizamo yokuthola ukuphawula kukaNyawose nayo iphunzile.

Esithombeni esingenhla: USomlomo weTheku uThabani Nyawose

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva