Uyasula esikhundleni umqeqeshi wama-Proteas

Razeen Gutta

Umqeqeshi wama-Proteas uMark Boucher uzosula esikhundleni sakhe ngemuva kwe-ICC T20 World Cup e-Australia ngasekupheleni kwalo nyaka.

“Boucher usenqume ukusula esikhundleni ukuze alandele amanye amathuba ahambisana nekusasa lakhe nezinjongo zakhe,” kumemezela i-Cricket South Africa (CSA) esitatimendeni.

Ngemuva kokuhola iqembu labesilisa iminyaka emithathu, lo mqeqeshi oneminyaka engu-45 ubudala usalelwe unyaka kwinkontileka yakhe. 

Isikhulu se-CSA uPholetsi Moseki sithe le nhlangano ayinalo uhlelo lokulandelana.

“Besisacabanga ukuthi sinezinyanga ezingaphezulu kuka-12 kwinkontileka yakhe. Ngesikhathi esitshela kudingeke ukuthi siqale sibheke ozovala isikhala sakhe. Akuyona into ebesiyibhekile phambilini. Sidinga ukuthi sibe nomuntu noma angahlala okungenani uhambo lwase-Australia ekupheleni konyaka,” uMoseki utshele i-Sport24.

“Lelo icebo uEnoch [Nkwe] okumele alethule kimina ngoba konke sekubekwe phambili. Okungenani ngemidlalo yeNdebe yoMhlaba ye-T20 asikho isidingo sokugijima sibheka umqeqeshi ngaphambi komqhudelwano ukube bekunjalo bekuzoba inhlekelele.”

Uchungechunge lokugcina lukaBoucher njengomqeqeshi luzoba uhambo lwase-India kusukela ekupheleni kwale nyanga ngaphambi kokuthi iNdebe yoMhlaba iqale e-Australia kusukela ngomhlaka-16 kuMfumfu kuya kumhlaka-13 kuLwezi.

Umthombo wesithombe: @Cricket365

Izihloko zakamuva