Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Kuzohlomula abafelokazi basemakhaya esizweni seNkosi yakwaNgobese eNquthu ngemuva kokuba uNdlunkulu wayo ehlomule ohlelweni lukahulumeni wesifundazwe luka-R10 million lokuxhasa izinhlelo zentuthuko zoNdlunkulu bamakhosi ezizwe ezehlukene.
UNdlunkulu uSihle maMthiyane-Ngobese wakwaKhiphinkunzi eNquthu ungomunye endlunkulu abahlomulile ngenhloso yokuba uHulumeni ethule umthwalo ezinhlelweni zabo zokusiza umphakathi.
Lokhu kwenziwe uNgqongqoshe wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Bongi MaSithole-Moloi muva nje.
*
“Le mali engu-R10 million siyifake koNdlunkulu ukuba bakwazi ukusizakala ezinhlelweni zabo zomphakathi. Imali ebesiyinikeza uNdlunkulu ngamunye ibiqala ku-R30 000 kuyaphezulu. Lokho bekuncika nasezinhlelweni zabo oNdlunkulu abazenzayo emphakathini.
“Abanye bayalima nemiphakathi yabo, abanye bayabhaka badayise kanti abanye banemifela-ndawonye yokuthunga,” kuchaza uMaSithole-Moloi.
UNdlunkulu wakwaNgobese yena uhlomule ngezinsiza zezolimo njengoba enohlelo lokulima nomama besizwe sakhe eNdindindi nelokupheka.
Lolu xhaso lumenyezelwe uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa MaDube-Ncube enkulumeni yakhe yesifundazwe ngenyanga eyedlule.
Uthe bafuna oNdlunkulu bakwazi ukumelana nosizi lwemiphakathi abaphila kuyo.
Okhulumela uMnyango wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Mngadi uthe lolu hlelo lwenziwe ngokulandela imigudu ethize njengoba oNdlunkulu bebefaka izicelo emnyangweni bechaza ukuthi kungani kumele baxhaswe.
“Izinto ebezibhekwa ukuthi ngabe izinhlelo zabo zidala imisebenzi engakanani emphakathini. Inhloso ukusiza oNdlunkulu enkingeni ababhekene nayo yokuthi kufika omama kuye bezokhala ngosizi lwabo.
“Lapho uzithola uNdlunkulu engazi ukuthi uzobasiza ngani labo mama ngoba abanye bafika basho nokuthi emakhaya abadlile futhi iningi labo kusuke kungabafelokazi. Ngakho lolu hlelo luka-R10 million luzobalekelela kakhulu emiphakathini abaphila kuyo,” kusho uMngadi.
Inkosi uThathezakhe Ngobese yakwaKhiphinkunzi ibabongele oNdlunkulu kodwa yacela ukuba bangabagibeli emakhanda.
“Kuhle lokhu okwenziwe ungqongqoshe kodwa siyacela ukuba oNdlunkulu batholelwe izindawo zokusiza imiphakathi ngoba kubayingozi uma abantu sebegcwele emizini yobaba bebanga umsindo,” kusho uNgobese.
