UTzozo uphika eyokujola nezingane ezincane

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Inkakha yomculi weKwaito uTzozo Thokozani Zulu uthi lezi zinsolo zokuthi ujola nezingane ezincane kwakuyimizamo yokungcolisa igama lakhe.

Ukusho lokhu ekhuluma kwiNews Avenue noSizwe Blose lapho ebegeqa khona amagula ngempilo yakhe kwezomculo.

Uthi amantombazane amancane abesuke engahambi naye okanye eze kuye kodwa abesuke ehamba nabanye oDJ abajwayele ukuzokwenza imicimbi emzini wakhe..

“Uyabona lento yamantombazane iyangixaka ngoba nabafana bebefika kwami kujatshulwe ngenxa yokuthi bebesuke belethwa ukuthi ngineswimming pool kanye nesnukha. Bebesebenzisa ithuba lokuthi ngisamncane futhi nginomuzi engizihlalela ngedwa kuwo onezindawo zokuzijabulisa,” usho kanje.

UTzozo ukewaba semsindweni ngo-2016 esolwa ngokungabahloniphi abantu besifazane.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuba kuthiwa wezwakala emcimbini kaKhongolose ethuka amantombazane e-IFP ethi mabi.

Le nkulumo yaphoqa ukuba axolise njengoba abesifazane be-ANC nabe-IFP bakhipha izitatimende bekhuza umhlola bemusola ngokudicilela phansi isuthunzi sabantu besifazane.

UNkk Thembeni KaMadlopha-Mthethwa owayenguSihlalo wabesifazane be-IFP ngaleso sikhathi wasola uTzozo ngokuthi uhlulwa ipolitiki yendlala ayethi yamenza wabona ukuthi azincengele kuKhongolose ukuze athole imisebenzi yokuxosha ikati eziko.

Izihloko zakamuva