Usuphethiwe umbukiso wendebe yomhlaba yamaBhokobhoko

Lubhalwe nguLucky Vince Pienaar

USiya Kolisi uphakamise okokugcina iNdebe yoMhlaba njengoba uhambo lwabo luphelele e-East London, kanti lokhu ukwenze ngenhloso yokuhlonipha nokubonga abantu bakuleli.

Uthe kuyo yonke imiqhudelwano yeNdebe yoMhlaba bebehlezi becabanga abantu bakuleli futhi bedlalela bona, kodwa bebengayilindele indlela abamukelwe ngayo kuleli.

“Njengeqembu lamaBhokobhoko besifuna ukunika abantu baseNingizimu Afrika ithemba, kodwa labo abasamukele esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International sivela e-France, nalabo abebesijabulela kuloluhambo lokukhombisa iNdebe yoMhlaba basinikeza ithemba elikhulu,” kusho uKolisi ngokubika kweSA Rugby.

“Lokhu kuyasigqugquzela ukuthi singazuza noma yini kungakhathalisekile ukuthi umuntu ukhuliswe kanjani, uhlanga, inkolo nesizinda aphuma kuso.”

Umkhankaso wamaBhokobhoko weNdebe yoMhlaba oqale ngomhlaka-10 kuMandulo ngesikhathi bebhekene ne-Scotland e-Marseille, e-France uphele ngenjabulo njengoba bekugcwele emigwaqeni yase-East London, e-Eastern Cape abantu bephume ngobuningi babo bezokhombisa ukujabulela iNdebe yoMhlaba.

Konke kuvalwe ngezwi likaKaputeni wamaBhokobhoko uSiya Kolisi.

“AmaBhokobhoko angase aphinde abuyele enkundleni ngonyaka ozayo, kodwa esikubonile nokwenzekile ezinsukwini ezimbalwa ezedlule kusazoqhubeka nokusigqugquzela njengeqembu,” kusho uSiya.

“Siyabonga Ningizimu Afrika futhi siyanithanda.”

Isithombe esingenhla USiya Kolisi ephethe indebe ye-Web Ellis e-East London.

Umthombo wesithombe: Amabhokobhoko

Izihloko zakamuva