Lubhalwe nguRorisang Modiba
USonia Booth uthi umshado uwumsebenzi onzima, futhi amakhosikazi ahlala ekhaya afanelwe ukukhokhelwa nokuvikelwa ngokomthetho.
Imibono yakhe isihlukanise imibono yabantu ezinkundleni zokuxhumana, abanye bencoma isibindi sakhe abanye bemsola ngomshado wakhe ongaphumelelanga.
USonia Pule-Booth usenxuse ukuthi amakhosikazi ahlala ekhaya akhokhelwe ngomsebenzi wawo wathi izithandani kufanele zisayine izinkontileka ngaphambi kokubopha ifindo likasofasilahlane.
Lo wesifazane owake wamodela futhi ongusomabhizinisi, engxoxweni yakamuva ohlelweni i-Engineer Your Life uthe ukuba unkosikazi kufana nokuba nomsebenzi ogcwele, kanti umsebenzi owenziwa abesifazane abaningi emakhaya uvamise ukungabonakali futhi ungaholeli.
Uphinde weluleka abashadile ukuba bathole usizo lwezomthetho futhi basayine izinkontileka ngaphambi komshado ukuze bazivikele ngokwezimali.
Ukuphawula kukaSonia kuza ngemva kweminyaka emibili ehlukene nowayeyisihlabani sebhola uMatthew Booth. Wamsola ngokuphinga ngo-2022, futhi isehlukaniso sabo saphothulwa ngo-2024 ngemuva kwengxabano ende yezomthetho.
Ekhuluma ngalokhu, uSonia uthi: “Kwangikhandla ngokomoya, umzimba nangokwezimali.”
Manje ufuna abesifazane bazi ukubaluleka kwabo futhi baqinisekise ukuthi baphathwa ngendlela efanele ebudlelwaneni.
Kodwa imibono yakhe isuse isivunguvungu ezinkundleni zokuxhumana. Abanye bebemncoma ngokwethembeka nokuba nesibindi. Abanye bamsola ngomshado obhuntshile bathi uthando olubalulekile hhayi imali noma izinkontileka.
Esithombeni esingenhla: USonia Booth.
Umthombo wesithombe: Ifayela
