Usizwe amaphoyisa obefuna amalobolo ekhweni lakhe

Celani Sikhakhane

Sekuphele iminyaka emibili uNqaba Mthenjana ezama ukubuyisa amalobolo akhe ekhweni ebelilokhu limanqikanqika.

Owesilisa oneminyaka engu-29 ubudala owayefuna ukuba ngumyeni kaSishwili o-Lundi enyakatho ye-KZN ulaxazwe ngemuva kokuphelelwa umsebenzi ngonyaka ka-2020.

Wayekhokhe amalobolo emali engango-R70 000 kanye nezipho ekhweni lakhe ngo-2019.

Umshado kwakufanele ube ngo-2020. Kodwa waphelelwa umsebenzi kwabheda izinto phakathi kwakhe nomakoti wakhe kanye noyisezala. Bakubeka kwacaca ukuthi abasamfuni emndenini futhi bebemanqika ukumbuyisela imali yakhe.

Ngakho udaba wanquma ukuliyisa enkantolo. Iphoyisa lilethe incwadi yesicelo kodwa umndeni awuzange umnike lutho.

NgoMgqibelo uMthenjana wahamba namaphoyisa watshela abasekhweni lakhe ukuthi ufuna ukubuyiselwa ilobolo lakhe lika-R70 000. Wayefuna nezinkomo eziyisithupha ayezikhokhe phezu kwelobolo nezinye izipho.

Ukwazile ukuthola izipho ayezinikeze unina kamakoti okubalwa imbuzi, izingubo zokulala ezimbili nebhodwe lesiZulu.

Umndeni uthembise ukuthi uzombuyisela imali yamalobolo ngoLwesine.

“Bengilokhu ngizama ukuthola usuku lomcimbi woMkhehlo obekumele wenziwe ngaphambi komshado kusukela ngo-2019. 

Ngebhadi ubaba kamakoti akavumanga ukunginika usuku. Umndeni awusangikhulumisi ngemuva kokulahlekelwa umsebenzi wami nomakoti wami wathutha wayohlala e-Mpumalanga,” kusho uMthenjana.

Uthe ube nengcindezi waze wafuna nokwelulekwa.

“Ngibonga amalungu e-SAPS aso-Lundi aluthathele phezulu lolu daba ahamba nami ekhweni ngoba angazi ukuthi bekuzokwenzekani ukube ngihambe ngedwa.”

Owayeyingoduso yakhe uNokuthokoza Ngubane uthe uMthenjana kumele akhulume noyise ngoba uyena owamukela amalobolo.

Umkhwekazi uSunnyboy Ngubane utshele i-Scrolla.Africa ukuthi akasazimisele ukukhuluma ngalolu daba kodwa uzomnika uMthenjana wonke amalobolo akhe ngoLwesine.

Izihloko zakamuva