Ushikishi i-Joburg City Power iqoqa izikweletu 

Lubhalwe nguZukile Majova

Sekuphele izinyanga bebalekela ukukhokha izikweletu zabo.

Baphinde bazishaya indiva izaziso eziningi ezisabisa ngokubathathela izinyathelo zomthetho.

Kodwa ngesikhathi izikhulu ze-City Power zaseGoli  zingqongqoza eminyango yamakhasimende angenzi kahle zithole izizumbulu zemali.

Ibandla elikweleta u-R740 000 likhiphe u-R200 000 ngesikhathi ikolishi likhipha u-R1 million.

Inxusa lase-Nigeria elise-Illovo e-Sandton elikweleta u-R600 000 licishelwe ugesi ngemuva kokuthi linqabe ukuhlangana nezikhulu zakwa-City Power.

Izikhulu zenkampani ephehla ugesi zisemkhankasweni wezinsuku ezintathu wokubuyisa u-R363 million wemali engu-R4 million ekweletwa, amabhizinisi kanye nezakhiwo zombuso.

Okhulumela i-City Power, u-Isaac Mangena uthe ihhotela lase-Sandton likweleta u-R1,1 million ngesikhathi elinye likweleta u-R2.6 million.

“Kumele siqhubeke nokuqoqa imali futhi sesibonile ukuthi ikhasimende esilivakashele linemali kodwa alifuni  ukukhokha.

Kodwa esikubonile okuhlekisayo ukuthi njalo uma singqongqoza ezicabheni zabo basuke bephethe okuthile.

“Siye e-Central Joburg College izolo lapho ebesikweletwa khona imali elinganiselwa ku-R1 million  abayikhokhengaso leso sikhathi.”

UMangena uthe amabhizinisi anqanyulelwe ugesi ngoLwesibili abese-City Power ekuseni ukuze azokhokha imali enkulu bese enza izinhlelo zokuthi akhokhe kancane kancane.

Kulezi zikhathi ezinzima zokucishwa kukagesi kwesigaba sesihlanu kanye nesesithupha, i-City Power ikhipha imali elinganiselwa ku-R3.6 million nsuku zonke.

Ingxenye enkulu yalokhu ingena ekushintsheni amakhebuli abizayo antshontshwe ngezikhathi ezinde zokucishwa kukagesi nokuyilapho imali eningi echithwa khona ekuvikelekeni impahla nokushintsha ama-transformer aqhuma njalo.

Le nkampani iphinde ilahlekelwe yimali yokukhokha izibonelelo zesikhathi esengeziwe kanye nokunxephezela ochwepheshe abavinjwa ukuthi bathathe ikhefu ngoba bedingeka ukuphendula izinkinga ezahlukene.

Ngale kwalokhu le nkampani ingaphansi kwengcindezi yokuthi ikhiphe ingqalasizinda ezindaweni ezingenawo ugesi.

Esithombeni esingenhla: I-City Power 

Umthombo wesithombe: @CityPowerJhb

Izihloko zakamuva