Ushaywe izigebengu obengenayo inyama kwisikhaftini sakhe

Buziwe Nocuze

Ngesikhathi owesifazane engenawo umakhalekhukhwini nokunye okubalulekile abengayikhipha kade ebanjwa inkunzi, izigebengu ezintathu zivule isikhaftini sakhe sokudla.

Lezi zigebengu zibuze inyama kulo wesifazane waseKapa, kodwa ubefake isinkwa nebhotela kuphela, ngemuva kwalokho bamshayile bamphoqa  ukuthi asidle ngenkani.

“Bengilinde itekisi ngesikhathi izigebengu ezintathu zicela umakhalekhukhwini wami ngibatshele ukuthi anginawo ngoba ngabanjwa inkunzi ekuqaleni kwenyanga,” etshela i-Scrolla.Africa.

Izigebengu zibe sezisesha isikhwama sakhe zathola iskhaftini sakhe ebesinesinkwa.

Njengoba ubazi ukuthi akukho lutho olubalulekile esikhwameni lona wesifazane ongathandanga ukudalulwa uthe uzipholele ecabanga ukuthi bazomdedela.

“Kodwa babe sebengishaya, bethi kufanele ngiyeke ukuncishana futhi ngiqale ukuphatha ukudla okumnandi.”

Ebancenga ubatshele ukuthi akanayo imali yenyama njengoba ibingakapheli inyanga.

“Bathi uma ngingenawo umakhalekhukhwini noma imali, kufanele ngidle inyama ekudleni kwami,” kusho lo wesifazane.

Ngemuva kwalokho bamphoqa ukuba adle isinkwa bebukele.

“Bathi angibakhombise ukuthi ngidla kanjani isinkwa ngaphandle kwenyama,” kusho yena.

“Ngiyabazonda ngithandazela ukuthi ngelinye ilanga bahlangane nomuntu ozobashaya ngendlela abangishaye ngayo.”

“Angizange ngilibike icala ngoba ukuya emaphoyiseni kuzobe kuwukumosha isikhathi. Ngeke bababophe futhi ngeke kushintshe ukuthi ngihlaselwe.”

UNceba Dweba isakhamuzi esineminyaka engu-40 ubudala utshele i-Scrolla.Africa ukuthi izigebengu zibusa ezindaweni zabo.

“Njengoba sebefuna nezikhaftini kukhombisa ukuthi balambile bashaya abantu abangenabo omakhalekhukhwini,” kusho uDweba.

Izihloko zakamuva