Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
UShansela wesizwe samaZulu Inkosi uMelusi Zondi kuthiwa ungeniswe esibhedlela ngemumva kokubanjwa ukugula okungadalulwanga.
Kuthiwa ungene esibhedlela ngemumva kokubhekana nemibiko ebimsola ngokuba yidelangokubona enkampanini yethenda yamanzi yaseMkhomazi yenani lika-R20 billion.
Imithombo ehlebele iScrolla.Africa iveze ukuthi uZondi ufakwe esibhedlela esiseThekwini ngesonto eledlule.
“Udaba lolu olufihliwe kodwa yena ufakwe esibhedlela,kodwa asazi ukuthi uphethwe yini ngoba ungene ngemumva kwemibiko ebingcolisa igama lakhe yethenda yamanzi,,” kusho omunye umthombo.
Nokho umkhulumeli kaZondi,okunguMnuz Wonderboy Jaca uthe amampunge lawo ngoba uZondi ungumqemane,kanalutho.
“Uyizwe ngobani le mibiko. uZondi akanalutho kumanje umatasa nemisebenzi yakhe yansukuzonke akakaze afakwe ngisho esibhedlela futhi akakaze ayohlolelwa ngisho umkhuhlane kodokotela.
Ngesonto eledlule uZondi uzwakalise ukungenami ngezinsolo zokuthi ungubhongoza ebugebengwini nasekuqolweni kwenkampani yale thenda yamanzi nokuthiwa bagcine bemnikeza imali engu-R8.5 million.
UZondi ukhale ngokuthi kuyishwa ukuthi ukusebenza kwakhe ngokwethembeka sekuphendulwa ubuqola nokuyinto engcolisa igama lakhe nesithunzi sakhe.
“Lezi zinsolo ziyilumbo eliluhlaza nelidicilela phansi isithunzi sami. Mina ngenza umsebenzi wamabhizinisi oqondile ongahlangene nobugebengu. Kulo msebenzi okukhulunywa ngawo, ukuhlinzeka ngabaqaphaki kanye nokuxhumana nomphakathi ngokusemthethweni. Akukho lapho engizibandakanye khona nobugebengu noma ubuqola,” kusho uZondi.
