USandile Zungu unesifiso sokuthi AmaZulu aqede esendaweni yesine

Timmy T Maranda

Emidlalweni eyishumi edlule AmaZulu awine imidlalo eyisikhombisa adlala ngokulingana kwemithathu. Usuthu lagcina ukuhlulwa ngesikhathi lubhekene neKaizer Chiefs ngoMasingana. 

Lesi yisizathu esanele sokuba uMengameli waMaZulu uSandile Zungu azwakalise isifiso sakhe sokuthi iqembu laMaZulu Football Club liqede kumaqembu amane asesicongweni ku-DStv Premiership kule sizini.

Uhlobo oluhle lwebhola oludlalwa ngaphansi kwesandla somqeqeshi uBenni McCarthy, luhole AmaZulu ukuba ashaye amagoli amaningi kuligi.

UZungu utshele i-The Touchline with Romy Titus ku-Radio 2000 ukuthi bakubeke kwacaca ukuthi bafuna ukuqeda kumaqembu amane asesicongweni uma sebethathe ikilabhu.

“Abantu basihleka ngoba AmaZulu bese kuphele isikhathi eside engangeni emaqenjini amane asesicongweni,” kusho uZungu.

“Kodwa uMcCarthy ungumfana ozimisele futhi nami ngokunjalo. Siyiqembu elizimisele kakhulu. Ngesikhathi uBenni ethatha izintambo wathi akazimisele nje kuphela ukungena emaqenjini amane asesicongweni. Uthe ufuna ukuwina iligi.”

UZungu uthe uMcCarthy uzibophezele kubalandeli baMaZulu futhi uzibophezele nasekuletheni injabulo esifundazweni.

UMengameli weqembu uvumile ukuthi kungenzeka bengayinqobi iligi kule sizini uma ebheka indlela iqembu leSundowns elidlala ngayo.

“Badlala kahle kakhulu futhi angilindele ukuthi bangawa,” esho.

Uthe isifiso sabo esikhulu ukudlala ezwenikazi.

“Sifuna ukudlala ku-Confederations Cup noma kwi-Champions League ngoba AmaZulu awuphawu lwase-Afrika.”

AmaZulu azobhekana neBlack Leopards edonsa kanzima emdlalweni we-DStv Premiership ngeSonto e-Thohoyandou Stadium.

Isithombe: @Amazulufootball

Izihloko zakamuva