URassie uzobe ekhona ohambweni lokuphela konyaka

Dylan Bettencourt

Ngesikhathi i-British & Irish (i-B&I) Lions ivakashe eNingizimu Afrika, abalandeli bebhola lombhoxo bamangala futhi bahlekiswa ukubona uRassie Erasmus onguMqondisi Wombhoxo eNingizimu Afrika edlala indima yomfana onikeza amanzi enkundleni ngesikhathi semidlalo.

Iqhaza elibanjwa ngumqeqeshi wamabhokobhoko owine iNdebe Yomhlaba libhekwe kakhulu – kanti leyo mpikiswano kulindeleke ukuthi iqhubeke uma iNingizimu Afrika idlala ne-Wales, i-Scotland neNgilandi emidlalweni emithathu yokuhlolwa ngesikhathi la maqembu omathathu eya e-Europe.

Ngemuva kokuphuthelwa yi-Rugby Championship, uRassie Erasmus uzobuyela endaweni yakhe yokuba ngumfana onikeza abadlali amanzi ohambweni lwase-Yurophu lwamaBhokobhoko lokuphela konyaka.

“URassie uzohamba nathi ohambweni lwethu, uzodlala indima yakhe ejwayelekile njengoba enza ngaphambilini,” kusho umqeqeshi uJacques Nienaber, eqinisekisa izindaba zokubuya kuka-Erasmus ngesikhathi kumenyezelwa iqembu lakhe.

U-Erasmus akazange ahambe namaBoks ngenkathi eya e-Australia ukuyoqhubeka nomjaho wabo we-Rugby Championship njengoba ebelungiselela ukulalelwa kwecala lakhe lokuqondiswa izigwegwe yi-World Rugby, kulandela ividiyo eputshukile yomqeqeshi ebuza ukwahlulela kukanompempe ngesikhathi somdlalo wokuqala we-B & I Lions.

U-Erasmus ophinde abe nguMqondisi Wombhoxo waseNingizimu Afrika uzohlonipha ukulalelwa kwecala lakhe ku-inthanethi elihlelelwe umhla zingama-30 kanye nomhla zingama-31 kuMfumfu kanti abalandeli bombhoxo emhlabeni wonke balinde umphumela.

AmaBhokobhoko alungiselela uhambo lwawo lokuyoziqeqesha e-France, okuyindawo efanayo okuzobanjelwa kuyo iNdebe Yomhlaba Yombhoxo yowezi-2023.

“Yebo, leli ithuba lokujwayela izimo esingase sibhekane nazo eminyakeni emibili ezayo, kodwa futhi siya lapho ukuze sibe yingxenye yemincintiswano ethile yokugquguzelwa” kusho uNienaber.

UNienaber uthe ukuziqeqeshela e-France ngaphambi kokuya e-Wales kuyithuba elihle lokuthi iqembu lizijwayeze izindawo ezizungezile futhi libe nesasasa ngohambo.

Umthombo wesithombe: @TheCitizen

Izihloko zakamuva