URassie nohlelo lokuxhumana nabadlali kweyomhlaba yelombhoxo

Lubhalwe nguLucky Maree

Kucacile ukuthi Rassie Erasmus ukholelwa kwisisho sakudala esithi “kulula ukuxolisa kamuva ngento oyenzile kunokuzama ukuthola imvume yokuyenza kuqala.”

Izigidi zababukeli emhlabeni wonke ziyazibuza ukuthi yini efihlwe uRassie emqubeni? Ubonakale ekhanyisa amalambu anemibala e-LED esebhokisini lomqeqeshi elibhekise ezansi enkundleni emdlalweni wangeSonto ngesikhathi bebhekene ne-Scotland.

Ngesinye isikhathi bekubukeka sengathi unikeza uManie Libbok imiyalelo yokukhahlelela ezikhaleni ezivulekile lapho iphenalthi ebingekho khona ebangeni lakhe.

Kodwa ngesikhathi uJacques Nienaber ekhuluma esithangamini sabezindaba ngemuva komdlalo unikeze incazelo ehlukile.

Ngesikhathi ekhuluma ese-Stade Vélodrome e-Marseille uthe umsindo mkhulu kangangokuthi awukwazi ukuzwa abasakaza imidlalo.

“Nginesiqiniseko sokuthi amaqembu amaningi anezinhlelo azisebenzisayo ukuxhumana,” esho.

Kuyezwakala.

Kodwa ngesikhathi ebuzwa ukuthi ngabe bayicelile yini imvume yokusebenzisa lolu hlelo ku-World Rugby uthe “angicabangi ukuthi uyayidinga imvume ku-World Rugby.”

Empeleni ubeqonde ukuthi sizokwenza lokhu kuze kube kukhona osivimbayo.

Kungesikhathi se-Currie Cup yango-2006 ngesikhathi uRassie Erasmus engumqeqeshi weCheetahs wabonakala phezu kophahla lwenkundla yezemidlalo i-Free State ephephetha amagwebu anemibala nokuyinto eyamenza waqanjwa igama elithi DJ Rassie.

Uphinde abe negama alithola kahle elithi “waterboy” ngemuva kokugqoka ibhayi nokuthwala amabhodlela amanzi ukuze akwazi ukungena enkundleni ayokhuluma nabadlali ngesikhathi sekhefu lokufaka amanzi ngesikhathi sohambo lwe-British and Irish Lions nyakenye.

I-World Rugby yashintsha imithetho. Abazange basho ngokuqondile ukuthi uRassie nguyena onecala kodwa

bathi “ababili abaphatha amanzi abakwazi ukuba umqondisi wombhoxo noma umqeqeshi oyinhloko.

Emasontweni amabili edlule ushintshe uhlelo ebhentshini ngo-7-1 waphakamisa abadlali abasebhentshini wabenza izethenjwa zakhe. Ngesikhathi bebhekene ne-Scotland ubuyele ku-6-2.

Phakathi nomdlalo badlale kabanzi kusukela ekuqaleni bephonsela inselelo abadlali be-Scotland abadlala ophikweni. Umphumela? UDarcey Graham noDuhan van der Merwe bebebambe izikhundla zabo.

NgoRassie kuhlezi kukhona okuthile. Awuthandi yini ukuthi uzohlangothini lwethu?

Esithombeni esingenhla: UDJ Rassie ephethe amathuluzi akhe

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva