INingizimu Afrika ithumela amasosha angu-2,900 engxenyeni ese-eastern e-Democratic Republic of Congo ukuyosiza ekulweni nezihonga ezihlomile.
Lo mgomo uyingxenye yohlelo olukhulu lamazwe asuka kwi-Southern African Development Community(i-SADC) futhi uzoqhubeka kuze kube umhlaka-15 kuZibandlela ngo-2024.
Lokhu kwenzeka kusukela kube nempi phakathi kweqembu namavukelambuso i-M23 namasosha ase-Congo.
Lo msebenzi uzodla imali elinganiselwa ku-R2 billion.
Lesi sinqumo sihambisana nokuzibophezela kweNingizimu Afrika ekusizeni njengelungu lamazwe e-SADC. Imali esetshenziswe kulolu hlelo ngeke iphazamise ukusebenza kombutho wamasosha aseNingizimu Afrika.
Inhlangano ye-SADC izosebenzisana namasosha ase-Malawi nase-Tanzania kanti baqale ukulwa namavukelambuso e-M23 ngenyanga edlule.
Lokhu kwenzeka ngesikhathi i-Congo ifuna abagcini bokuthula be-UN baphume. Laba bagcini bokuthula babekhona kusukela ngo-1999 bezama ukusiza ngezimpi e-eastern Congo.
Ngisho sebethola usizo oluvela kwamanye amazwe, sekunesikhathi eside kuliwa e-Congo.
Uhulumeni wase-Congo aweneme ngabagcini bokuthula be-UN, ubagxeka ngokungenzi okwanele ukuvikela abantu.
Manje njengoba amanye amaqembu esephumile, amasosha e-SADC, okuhlanganisa nawaseNingizimu Afrika azozama ukunqanda ukulwa.
Ngenxa yezinxushunxushu abantu abangaphezu kwezigidi eziyisithupha kudingeke bashiye amakhaya abo, kanti abaningi babo babhace ezinkanjini.
Luhlanganiswe ngimbhali we-Stuff
Isithombe esingenhla: Amasosha aseNingizimu Afrika.
Umthombo wesithombe: X