URamaphosa uvikela ongqongqoshe bekhabhinethi yakhe abathinteka enkohlakalweni

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli Wezepolitiki

UMengameli uCyril Ramaphosa usevikele amalungu ekhabhinethi yakhe athinteka ekuqhwagweni kombuso, enkohlakalweni kanye nokusebenzisa kabi amandla abo.

Esigcawini semibuzo nezimpendulo ePhalamende ngoLwesibili, uRamaphosa uthe uzothatha izinyathelo ngongqongqoshe bakhe kuphela uma bebekwe amacala ngokusemthethweni.

Kuyizaba nje esetshenziswa yi-ANC ukuvumela inqwaba yamalungu ayo aphezulu athinteka embikweni wokuqhwangwa kwamandla ombuso ukuba abe sohlwini lwamalungu ayo azoba esePhalamende.

URamaphosa uthe izinhlaka ezehlukene zomthetho kanye ne-National Prosecuting Authority bezilandela iziphakamiso zeKhomishini yokuQhwagwa koMbuso yindlanzana.

“Amanye amalungu esigungu esiphezulu athintekayo ekulawulweni kombuso awakaze abekwe icala ngokusemthethweni.

 “Njengoba ngike ngasho phambilini kule Ndlu, noma yiziphi izinyathelo engizithathayo mayelana namalungu esigungu esiphezulu ahlonzwe iKhomishani yokuQhwagwa koMbuso zizomenyezelwa ngemiphumela yezinqubo ezenziwa izinhlaka ezifanele.”

Abanye bongqongqoshe abathintekayo bayingxenye yeqembu likaRamaphosa futhi bamsize kakhulu ekutheni anqobe ihlandla lesibili njengomengameli we-ANC.

  • Ungqongqoshe weziMbiwaphansi neZamandla uGwede Mantashe, uhlomule ngokufakelwa ezokuphepha emizini yakhe emithathu yinkampani eyayisolwa ngenkohlakalo i-Bosasa.
  • UZizi Kodwa, uNgqongqoshe wezeMidlalo, Ubuciko naMasiko, usolwa ngokuthola imali engaphezu kuka-R2-million kumphathi we-EOH uJehan Mackay.
  • UMosebenzi Zwane, owayengungqongqoshe wezimbiwaphansi oseyilungu lePhalamende, usolwa ngokusiza abakwaGupta bazitapele u-R2-billion ku-Vrede Dairy Project.

URamaphosa uphinde wavikela isinqumo sakhe sakamuva sokumisa nokungalixoshi iPhini likaNgqongqoshe wezamaBhizinisi Amancane, uDipuo Peters, ngemuva kokutholakala ephule i-Code of Ethical Conduct esikhundleni sakhe njengongqongqoshe wezokuThutha.

Umengameli wammisa inyanga eyodwa engaholi.

“Ngokubona kwami, isijeziso asithola besihambisana nemithetho ayiphulile evezwe iNdlu, usho kanje.

Esithombeni ngenhla: UMengameli uCyril Ramaphosa noGwede Mantashe, evikela ongqongqoshe bakhe abathintekayo ekulawulweni kombuso.

 Umthombo: X

Izihloko zakamuva