UQweqwe lukathisha lubuyisa umculo wamkhwaya emphakathini oqedwe iGqomu namaPiano emabandleni

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

UQweqwe lukathisha waseThekwini, seluthathe isinqumo sokubuyisa umculo wamakhwaya emphakathini obonakale unyamalala ngenxa yokungenisa kwemijuxuzo emabandleni nokwanda kokuthandwa kwegqomu namapiano.

Lokhu kumenyezelwe iSiphiwe Bulose Choral Music Conference esithangamini nabezindaba ebesiseWestville, eThekwini ngoLwesithathu ntambama.
UMnuz Siohiwe Bulose udalule ukuthi sekunokukhala okuningi emiphakathini eyahlukene KwaZulu-Natal ekhononda ngokunyamalala kwalo mculo abaningi abakhule ngawo ngisho ezikoleni nasemabandleni.


UBulose uthe njengoba abantu sebelihlabile ikhwelo,baqala izinhlelo zokuthi ngoMgqibelo wakusasa kubenengqungquthela ezoba sebandleni lamaWeseli eliseDurban Central lapho kuzobe kucijwa khona abantu namaqembu ehlukene kule ndima yomculo kuphinde kuxoxwe nangeqhingasu lokuzinza endimeni yomculo nokwakha imali.
“Abantu abaningi sebekhale kakhulu ngokunyamalala komculo wamakhwaya emphakathini kodwa nakuba kunjalo, besiqhubeka nawo ngokohlelo lwezikole njengoba ababhidisi bethu sibajube ezikoleni ezahlukene lapho belekelela khona uMnyango wezemfundo ngokuthuthukisa lo mculo ezikoleni.

Ngikhuluma nje kunezikole ezifana ne-Adams College eseMbumbulu nokuyilapho izinga liphezulu kakhulu kwezamakhwaya. Okunye esihlose ngakho ukubuyisa lo mculo emphakathini ukuba sibambe iqhaza ekulweni nezigameko zobugebengu obufana nodlame esilubona emindenini eminingi olubizwa ngeGBV,” kuchaza uBulose.


Uqhube wathi njemanje balungiselela ingqungquthela enkulu yalo mculo wamakhwaya ezoba seGreyville, eThekwini ngomhlaka-26 kuMandulo nokuyilapho ezizobe zidlana imilala, kubhungwa kabanzi ngamaqhinga okuqinisa uzinzo nokusabalala kwalo mculo ezikoleni nasezindaweni zemiphakathi kanye nezinye izindlela zokuwugcina ukwazi ukuzenzela imali.


Uthe abakufunayo ukuthi njengoba uMnyango wezeMfundo udlala indima enkulu kulo mculo ezikoleni, bese nabo bedlala indima ekutheni ubekhona emiphakathini ukuze abafundi uma sebeqede isikole bangabi nayo inkinga yokuthi bazowutholaphi amaqembu abangangena kuwo.
Kuzokhumbuleka ukuthi umculo wamakhwaya usukela kudala ngezikhathi zezikole zamamishini nokwakuyilapho okwakuculwa khona “oDoremifaso-Latido”.

Lo mculo ubuwaziwa ngokuthandwa abantu abaziwa ngokuthi bayizifundiswa emiphakathini eminingi nokwakungothisha iningi labo.
Ngokuhamba kwesikhathi izikole namamishini ayengumgogodla walo mculo, ashabalala ngenxa yezimali kwakhomba ukuthi nawo uyangokucwila nokwabuye kwabanenkinga yokwanda kohlobo lwesimanje lokukhonza emabandleni oluhambisana nemijuxuzo, kwathi nemiphakathi yaphelelwa uthando lokunaka lomculo ngoba sekungenisa igqomu namapiano.
UBulose uthe ngezinye zezinto lezi abazobe bekhuluma ngazo ukuze bakwazi ukubhekana nazo zonke izingqinamba ezikhinyabeze lo mculo ikakhulukazi eKZN.

Izihloko zakamuva