UPitso ufuna ukuyinqobela i-Afrika

Menzi Magubane

UPitso Mosimane we-Al Ahly ufuna ukumelana nalesi simo futhi abe ngumqeqeshi wokuqala ukunqoba iNdebe Yomhlaba ye-FIFA ngeqembu lase-Afrika. Alikho iqembu lase-Afrika eselike lawunqoba lo mncintiswano phambilini.

Mabili kuphela amaqembu ase-Afrika akwazile ukufinyelela kowamanqamu walo mqhudelwano. Elokuqala kwaba yimidondoshiya yase-DRC i-TP Mazembe eyahlulwa yiqembu lase-Italy i-Inter Milan ngowezi-2010.

Ngemuva kweminyaka emithathu iqembu lase-Morocco i-Raja Casablanca lahlulwa yi-Bayern Munich yase-German kowamanqamu. NgoLwesine uMosimane uhole i-Al Ahly emdlalweni owandulela owamanqamu walo mqhudelwano.

Bazoshukana nemidondoshiya yase-German i-Bayern Munich ngoMsombuluko ngo-8 ebusuku e-Doha, e-Qatar. NgoLwesihlanu uMosimane uthe baya kulo mdlalo ukuyozijabulisa nje.

“Emdlalweni wethu ne-Bayern Munich kufanele sijabule ngiyacabanga. Akukho esizokulahla ngaphandle kwakho konke esizokuzuza,” kusho uMosimane.

“Uma siwunqoba lowo mdlalo izimpilo zethu zizoshintsha. Kuwumdlalo onzima kakhulu ukuwunqoba, sibhekene neqembu elikhulu elingompetha elike lanqoba iNdebe, iligi futhi liphakamise ne-Champions League.”

UMosimane wengeze ngokuthi wonke amehlo azobheka ompetha base-Europe abashaye i-Paris Saint Germain ngegoli elilodwa eqandeni ukuze liphakamise indebe ye-UEFA Champions League. I-Ahly ishaye izimbangi zayo nomakhelwane bayo baseGibhithe i-Zamalek ngamagoli amabili kwelilodwa ukunqoba i-CAF Champions League.

“Kulungile nathi senze okufanayo e-Afrika, sanqoba i-treble kodwa bayi-Bayern. Banengcindezi ngoba kulindeleke ukuthi basishaye lapho singenayo ingcindezi khona. Sizozijabulisa. Mhlawumbe sibakhungathekise kancane sibone ukuthi kuhamba kanjani,” kusho uMosimane.

Omunye umdlalo owandulela owamanqamu uzodlalwa ngeSonto phakathi kweqembu lase-Brazil i-Palmeiras ne-Tigres yase-Mexico. Umdlalo uzoqala ngo-11.30 ebusuku.

Umdlalo wamanqamu we-2021 Club World Cup uzodlalwa ngoLwesine.

Izihloko zakamuva