Lubhalwe nguRorisang Modiba
INkantolo eNkulu yasePitoli inqume ukuthi uNomcebo kumele akhokhe u-R1.5 million wezindleko zecala ngemuva kokulahlwa inkantolo ngesinqumo sakhe sokuphikisa i-Open Mic Productions.
Waphinde wayalelwa ukuthi aqedele amanye ama-albhamu amabili ngaphansi kwenkontileka yakhe, nakuba ethi akaphathwanga kahle ngengoma eyashisa izikhotha ethi Jerusalema.
UNomcebo Zikode ubhekene nenkinga empini yakhe yezomthetho ne-Open Mic Productions, kanti lokhu kungamcekela phansi kakhulu.
Lo mculi owawina indondo ye-Grammy uyalelwe ukuba akhokhe okungenani u-R1.5 million wezindleko zecala ngemuva kokuba iNkantolo eNkulu yasePitoli ichithe isicelo sakhe sakamuva sokudlulisa icala ngomhlaka-24 kuNtulikazi.
IJaji uGraham Moshoana uthe icala lakhe alinawo amathemba okuphumelela futhi wenqaba ukumvumela ukuthi aphikisane nesinqumo sangaphambili esakhishwa ngoNhlaba.
Lesi sinqumo siphoqe uNomcebo ukuthi aqedele amanye ama-albhamu amabili ne-Open Mic ngaphambi kokuthi ahambe, naphezu kokuthi le lebula ingamphathanga kahle futhi yehluleka ukumkhokhela ngengoma ethi Jerusalema.
Leli cala belingaqondene nama-royalties engoma iJerusalema, kodwa belimayelana nemibandela yenkontileka yakhe neculo elihlukile elithi Bayethe. Noma kunjalo, konke kuyingxenye yokuxabana okujulile phakathi kukaNomcebo, i-Open Mic kanye nomdidiyeli uMaster KG.
Inkantolo ithe uNomcebo usebenzise inqubo yomthetho okungeyona, walifaka njengesiphakamiso yize bekunezingxabano ezinkulu mayelana namaqiniso. Amajaji amxwayisa ezinyangeni ezedlule ukuthi ingxabano yakhe ibuthakathaka, kodwa waphokophela phambili waphinde wehluleka.
Esitatimendeni, uNomcebo ubize lesi sinqumo ngokuthi sikhathaza kakhulu futhi wathi uzoqhubeka nokulwela ubulungiswa endimeni yomculo. Abammeli bakhe bathi babheke ezinye izikhalo.
Umphathi we-Open Mic uLionel Jamela uwamukele umphumela, wathi batshale imali eningi kuNomcebo. Uthe manje ufuna ubunikazi obungafanele engomeni iJerusalema, nakuba ilebula beyiphethe umsebenzi wokukhiqiza.
Osesithombeni esingenhla: UNomcebo Zikode.
Umthombo wesithombe: @nomcebo_zikodee
