Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli uthi kuyophela izinhlamvu ngeThala ngoba abasoze bavume ukuba kubulawe ibhange eliyifagugu labantu baseKZN.
UNtuli ukusho lokhu ekhuluma esithangamini sabezindaba eThekwini ngoLwesithathu ngemuva kokuba inkantolo ePhakeme yaseMgungundlovu ikhiphe isinqumo esivuna iThala ukuba liqhubeke lisebenze njengoba i-Prudential Authority ne-Repayment Authority ifuna ukulishaya pohansi ukuze iqede ngaleli bhange.
“Sithi siyolwa siyoze siyofika eNkantolo yoMthethosisekelo ngoba asizukuvuma ukuba kubulawe umlando oyifagugu labantu bakithi. IThala yilona bhange elishintshe izimpilo zabantu bakithi abasemakhaya nabasemalokishini njengoba amanye amabhange engafinyeleli kulezi zindawo uma kufanele asize abantu. Kumanje labo abalwa neThala sebefake isicelo sokudlulisa isinqumo seJaji uMncube ngoba injongo yabo kungukubulala into esiza abantu bakithi nokuyinto esingeke siyivumele leyo,” kusho uNtuli.
Isikhulu sebhange iThala uDkt Thulani Vilakazi simemezele ukuthi abantu abanimasingcwabisane nabaneminye imishwalense abeze ukuze bathole izimali zabo.
Uqhube wathi yize sebenikeziwe umyalelo wokusebenza kodwa sebelinde izeluleko zabammeli babo njengoba bekusacutshungulwa nesinqumo sakamuva seNkantolo ePhakeme yaseMgungundlovu esivuna Ithala.
UVilakaze ukewafikelwa izinyembezi ebalisa ngobuhlungu abubone kumakhasimende ngenxa yesihluku esenziwa yilezinzinhlaka ezilawula amabhange ngesikhathi zivala ukusebenza kweThala ngoMasingana ngaphandle kokumazisa.
“Ngizwa ngifikelwa umunyu ngobuhlungu ababenzile. Kwathi nje ngehora lesithathu ntambama bavele bacisha konke okubalwa ukuphuma kwezimali nokusebenza kwama-ATM. Lokhu bakwenza bangangithintanga njengomphathi waleli bhange.
Okubuhlungu ukuthi lapha kubulawa into eyakhiwe umuntu omnyama ngamabomu . Akugcinanga lapho kufakwe abantu ezikweletini ezingenasidingo . Abanye abakhokhela imizi, izimoto, amapulazi nokunye kubalwa nosomabhizinisi bazithole besenkingeni engachazeki. Kukhona nje abazoba namagama amabi ngoba nakhu bengasakwazi ukudonselwa izimali zabo ngenxa yalesi sinqumo esibebudedengu,” kukhalaza uVilakazi.
Uthe sekucacele noma ubani ukuthi Ithala lisempini enkulu njengoba abalwa nalo besaqhubeka beya eNkantolo yokudluliswa kwamaCala e/Bloemfontein.
UNqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho uMfundisi Musa Zondi uthe kusuka ngonyaka ka-1994 uHulumeni ubelokhu ekhuluma ngokusungula ibhange kodwa kuze kubemanje lowo mbono awukaze uphumelele.
Uthe KwaZulu-Natal uHulumeni wesiFundazwe ukwazile ukuba neThala okufanele engabe kusetshenzelwa phezu kwalo ukuba libeyibhange likaHulumeni kuzwelonke.
“Uyibulala kanjani into esebenzayo?. UHulumeni ukhuluma ngebhange okungaba elombuso, sithi thina nali Ithala vele lingaphansi kombuso akuthathwe lona kunokuba libulawe ngoba imizamo yokuqala ibhange likaHulumeni ayiphumeleli kuze kube manje,” kusho uZondi.
