Lubhalwe nguNhlanhla Mtaka
ISILO iNdlulamithi ngomlomo kaNdunankulu waso nesizwe, uMfu uButhelezi simemezele imisebenzi emibili emikhulu ezokwenzeka nonyaka.
“ISILO sinqume ukuba ibunjwamuntu leNkosi esizala, uMdlokombane sethulwe ngokusemthethweni mhla zili-12 kuNdasa nonyaka. Lo msebenzi uzokwenzelwa OLundi. Lolu suku luqopha iminyaka emithathu ISILO sabaNyandezulu”, kusho uPhungashe.
Ube eseqhubeka esebikela isizwe ngomsebenzi wokukhumbula obenguNdunankulu kaZulu, uMntwana waKwaPhindangene . Lo msebenzi uzoba ngoNhlaba kwaNongoma ngosuku olusazomenyezelwa. Ngokubika kukaPhungashe , umsebenzi lona uzobe ungxile kakhulu kuwo aMakhosi kanye nakuwo uMkhumbi Wempi kaZulu uMntwana ayeyingxenye yawo.
Khona lapho kumenyezelwe ukuthi ibunjwamuntu leSILO sakwaDukuza iLembe lona lizombulwa ngomhla zingama -27 kuMbasal. Ngalolu suku iNingizimu Afrika izobe iqopha iminyaka engama-30 edemokhrasi . Kulokhu uNdunankulu ugcizelele ukuthi noma salwa kwaqala ngawo aMakhosi ngakho ukuhlonipha iLembe ngalolu suku kusho ukwamukela ukuthi noBukhosi babe buyingxenye yomzabalazo.
Lolu daba luqale lwashicilelwa ngabalingani bethu i-Bayede Iphepha laboHlanga .
