Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Abawuvali umlomo abantu base-Eastern Cape ngesigameko lapho umzukulu esolwa ngokudlwengula umkhulu wakhe oneminyaka 86.
Umkhulu kuthiwa ubeyedwa ekhaya ngoLwesihlanu ebusuku ngesikhathi umzukulu wakhe oneminyaka engu-23 engqongqoza emnyango. Ngesikhathi umkhulu evula umnyango kungene umzukulu ehamba nabangani bakhe ababili.
Umkhulu ongeke adalulwe uthe ubecabanga ukuthi umzukulu wakhe uzolala.
“Kunalokho ufike wafuna isikhwama sami semali nephakethe likagwayi. Yena nabangane bakhe base beqala ukungishaya bangikhumula nganqunu. Ngamubuza ukuthi wenzani ungiphendule wathi usabuza?’”
“Waphinda wathi ngizokwenza kuwe lokho okwenziwa kimi ejele. Wangidlwengula ngemuva engishaya emathangeni ecindezela nezingalo zami,” kusho leli khehla elikhungathekile.
Umkhulu ugcine ekwazile ukugijima enqunu waya kwamakhelwane ukuze athole usizo.
Ilungu lomndeni elingeke lidalulwe ukuze kuvikelwe isisulu, lithe umsolwa uyindodana yendodakazi yekhehla.
“Manje sifuna umthetho udlale indima yawo. Lo mfana udinga ukuboshwa ukuze umkhulu wakhe ahlale ngokuthula emzini wakhe,” kusho ilungu lo mndeni.
Ikhansela lewadi uNonkoliso Majwete elivakashele isisulu ngesikhathi kusanda kwenzeka lesi sigameko lithe bazokwenza konke okusemandleni ukusiza isisulu.
“Ngeke sihlale sisonge izandla singenzi lutho ngoba le nto yenzeke endodeni. Sizokwenza konke okusemandleni ethu ukusiza futhi siqinisekise ukuthi umzukulu wakhe uyaboshwa,” kusho uMajwete.
Isishoshovu samalungelo abantu uMnuz Petros Majola ukugxekile ukuhlukunyezwa kwabantu abadala emiphakathi yabo.
“Sinxusa abantu ukuthi bayeke ukuhlukumeza abantu abadala kodwa babahloniphe. Umuntu oneminyaka engu-86 akakwazi ukuphila impilo yokwesaba emzini wakhe,” Kusho uMajola.
UKhomishana wamaphoyisa esifundeni i-Amathole uGeneral Xakavu uthe umsolwa kanye nabehamba nabo basagcwele amathafa.
Isithombe esingenhla: Ividiyo yowesilisa ehamba egcekeni lakhe ngemuva kwesigameko.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe
