Umsindo wokuqhuma kwezibhamu udale ukwesaba kodlame oluvuselelekile e-Glebelands

Lungani Zungu

Umhlali wasehostela lase-Glebelands udutshulwe ngeSonto, nokwenze kwaba nokwesaba okusha kubahlali ukuthi sekuqale phansi futhi ukubulawa kwabantu kuleli hostela.

USthembiso Mkhize oneminyaka engama-46, obeyilungu lekomidi lokuthula ehostela udutshulwe wabulawa phambi kwezingane zakhe ezimbili ngesikhathi ebuka umdlalo weKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns ngeSonto.

Umhlali, uThabo Msimango, uthe uzwe ukuqhuma kwesibhamu kodwa waqhubeka nokubuka ibhola egumbini lakhe, elibuqamama negumbi likaMkhize.

“Kamuva ngitshelwe ukuthi uMkhize ubulewe,” esho.

Ukuboshwa kwabayisishiyagalombili abasolwa ngokuba izinkabi, kusukela ngowezi-2018 ababizwa nge-“the Glebelands Eight” kwaletha ukukhululeka okukhulu kuzinkulungwane zabahlali base-Glebelands eMlazi, eningizimu yeTheku.

Kodwa manje, abaningi banovalo lokuthi ukubulawa kukaMkhize kungadala udlame njengoba engumuntu owaziwayo ehostela.

“Abantu bakhe bangahle bafune ukuziphindiselela ngokufa kwakhe ngokubulala abantu abacabanga ukuthi bangaba nesandla ekubulaweni kwakhe,” kusho umhlali.

UMkhize kuthiwa ubeyisitha esaziwayo salowo owayengumseshi uBhekukwazi Mdweshu, owayebhekene namacala ahlanganisa elokubulala, ukukhwabanisa nenkohlakalo aphathelene nodlame nokubulala e-Glebelands.

Bangaphezu kwabayi-150 abahlali base-Glebelands asebebulewe kusukela ngowezi-2015.

UVanessa Burger, we-Independent Community Activist for Human Rights and Social Justice, uthe lokhu kubulala kudalwe wumbango wokufuna imali.

Abahlali abaningi bakuleli hostela, elihlala abantu abangaphezu kwabayizi-25,000, baphoqwe ngabathile abayizigebengu ukuthi bakhokhe imali  ukuze babavikele.

Le mali ingaba yinani eliphakathi kwekhulu kuya kwengama-R500, kanti kwesinye isikhathi nangaphezulu, kusho umhlali etshela i-Scrolla.Africa.

“Kubukeka sengathi abantu basehostela eliminyene kungenzeka ngeke baphinde bakhululeke kulo mjikelezo wobudlova,” kusho uBurger, oselandele ukubulawa kwabantu e-Glebelands iminyaka.

“Alikho ithemba lokweqa ngaphandle koguquko lwangempela kwezenhlalo nakwezomnotho olusekelwe entandweni yezepolitiki futhi lusekelwa ukubusa okunengqondo kanye nemithetho yokubusa”.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbele uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulala, elivulwe esiteshini samaphoyisa eMlazi.

“Imbangela yalokhu kuhlasela ayaziwa,” esho.

Isithombe: @CityPress

Izihloko zakamuva