Umshayeli wetekisi ubulale owesifazane edubula ababhikishi base-Alex 

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Owesifazane udutshulwe wabulawa e-Alexandra ngoMsombuluko kusihlwa.

Ubebuya emsebenzini ngesikhathi ehlangana nababhikishi abebethukuthele bevimbe indlela yetekisi.

Imibiko iveza ukuthi abanye bababhikishi bebejikijela itekisi ngamatshe nokwenze umshayeli waphindisela ngokudubula wabulala owesifazane.  Ushonele endaweni yesigameko.

Kwividiyo etholwe yi-Scrolla.Africa, umbhikishi wesilisa ubonakala ejaha futhi ebhaxabula abashayeli bezimoto abadlulayo, okuhlanganisa nomshayeli wetekisi yohlobo lwe-Toyota Quantum odubule isibhamu sakhe wabulala owesifazane ngemuva kokuba itekisi yakhe ijikijelwe ngamatshe. 

NgoLwesihlanu, i-Scrolla.Africa ishicilele udaba olumayelana nezakhamuzi ezibhikishayo elokishini.  Badinwe bagane unwabu ngokushoda kukagesi namanzi ezingxenyeni ezithile zase-Alex kanti bebevala imizila emikhulu ezungeza leli lokishi, belifaka enkingeni nezindawo ezizungezile.

NgoMsombuluko ntambama, imibhikisho iqhubekile ababhikishi beshisa amathayi bejaha abashayeli abadlulayo.

Ikhansela lakuwadi-105 uTefo Raphadu ukuqinisekisile ukushona kowesifazane. 

“Njengabaholi sisasendaweni yesigameko sizama ukuthola ukuthi kwenzekeni.”

URaphadu uthe unikezwe I-number plate yetekisi ebandakanyeka esigamekweni sokudubula.

Umholi womphakathi uVincent Ndima usigxekile isigameko sokudubula esiholele “ekulahlekeni komphefumulo ongenacala ngale ndlela edabukisayo”.

“Abantu kumele babhikishe ngokuthula. Yebo abantu banelungelo lokubhikisha, kodwa kumele bahloniphe namalungelo abanye abantu,” kusho uNdima.

I-Alexandra ibhekene nokunqanyulwa kukagesi isikhathi eside kusukela kuqale ubusika.  I-Scrolla.Africa ikhulume no-Isaac Mangena we-City Power ngoLwesihlanu, othe i-Alexandra Service Delivery Centre ye-City Power ingaphansi kwengcindezi enkulu. NgoLwesihlanu kuphela, inhlangano ithole izikhalo ezingaphezu kuka-800.

“Uma kubhekwa umlando wodlame nokuhlaselwa kochwepheshe bethu endaweni yase-Alexandra, ithimba ngeshwa alikwazi ukusebenza ubusuku bonke kwezinye izindawo,” esho ngoLwesihlanu.

Esithombeni ngenhla: Ababhikishi bavimbe izimoto kwadutshulwa owesifazane ongenacala wabulawa.

Umthombo: Uthunyelwe 

Izihloko zakamuva