Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Umndeni wakwaMhlomi uthi umuzi wawo ugcwele indle njengoba izikhulu zeDolobha zithatha iskhathi ukulungisa umsele ovalekile.
Ugogo oneminyaka engu-75 ubudala kanye nojahidada baphakathi kwabadonsa kanzima ukuphila nephunga nokungcola.

Umndeni wakwaMhlomi eGugulethu uthi uhlala esihogweni ngemuva kokuba umsele ovalekile egcekeni ugcwale indle enukayo.
UNcediswa Mhlomi uthe inkinga iqale ngomhlaka-25 kuNdasa ka-2025 ngesikhathi kuvaleka umsele.
“Inkinga sayibika ngalo lolo suku, nowaphendula ucingo wathi kuzofika izikhulu zoMkhandlu zizolungisa le nkinga,” kusho uMhlomi.
Kodwa akekho owafika.
Balinda usuku lonke base benethemba lokuthi kukhona ozofika ngoLwesithathu. Noma kunjalo akekho oke wafika.
NgoLwesine baqonda emahhovisi eDolobha eFezeka.
“Besinethemba lokuthi uma sike saziyela mathupha bazobona ukuthi udaba lwethu luyaphuthuma, bathi asigoduke bazosilandela, basiqambele amanga ngoba abakaze bafike,” kusho uMhlomi.
Umsele ovalekile usuphendule ikhaya labo ixhaphozi.
“Umsele ungaphakathi egcekeni lethu. Uvimbile, futhi yonke into igeleza ngaphakathi endlini yethu futhi ingene ezakhiweni ezintathu ngemuva. Ngesikhathi bonke belele, simatasa sikhipha amanzi anukayo anendle yabantu.”
Kulo muzi kuhlala ugogo oneminyaka engu-75 nengane eneminyaka emithathu ubudala.
“Asikwazi ukudla noma ukulala ngokuthula.Kudingeka sithwale umama wethu siyomlalisa embhedeni sisebenzisa amakesi futhi sishiya amafasitela evuliwe ngoba kunzima ukuphefumula wonke amanzi angcolile endlini yethu. Ifenisha yethu yonakele, asazi ukuthi kuzothatha isikhathi esingakanani silinde abasebenzi boMkhandlu,” kusho uMhlomi.
Ilungu leKomidi leMeya lezaManzi nokuThuthwa kweNdle, uKhansela Zahid Badroodien, uthe amathimba eDolobha ayayazi le nkinga.
Uthe bamatasatasa nokuvaleleka kwendle e-NY 119, exhunywe nepayipi elise-NY 111.
“Ukuvaleleka kwendle ngeshwa kuyinselelo evamile, njengoba izinto okungamele zfakwe ezindlini zangasese zihlale zilahlwa epayipini lendle, okubangela ukuvaleleka kanzima.

“Kubalulekile ukukhumbula ukuthi ukuvaleka komsele kungase kube kwenye indawo, okudinga ukuthi ithimba lisebenze endaweni ehlukile lapho. Uma ukuvaleka sekulungisiwe, ithimba lizohlanza futhi libulale amagciwane endlini. Idolobha liyaxolisa ngokubambezeleka,” kusho uBadroodien.
Esithombeni esingenhla: Umndeni wakwaMhlomi eGugulethu ulinde abasebenzi baseDolobheni ukuthi beze bezolungisa imisele evalekile egcwele.
Umthombo wesithombe: UBuziwe Nocuze
