Umsebenzi wesicishamlilo unconywe njengeqhawe ngokusindisa umdlwane

Umsebenzi wesicishamlilo wase-Port Elizabeth ukhuphuke ngaphezu kwamamitha ayisithupha ukuze atakule umdlwane epayipini eligcwele amanzi – kodwa wahlaselwa waphangwa ngenkathi esalinde ngaphandle kwesango e-SPCA.

UThembekile Mbeyiya, oneminyaka engama-49, waba yiqhawe khona manjalo ngemuva kokusebenzisa isipiliyoni sakhe seminyaka eyi-12 ekucimeni umlilo ukuze asindise umdlwane emihlathini yokufa. 

Lokhu kugqugquzele iMeya yoMasipala wase-Nelson Mandela Bay, uNqaba Bhanga ukuba amunike umklomelo wokwenza kahle. 

UThembekile kanye neqembu labacimi bomlilo labizwa ngomhla wokuqala kuMasingana ngowezi-2021 yizakhamizi zase-NU8, e-Motherwell ukuba zitakule umdlwane owawunenyanga eyodwa owawuwele emgodini wamanzi esiphepho.

Utshela abakwa-Scrolla.Africa ukuthi: “Bengihlale ngiwuthanda umsebenzi wami ngoba unginika nethuba lokusebenzela abantu nezilwane ezimeni ezinzima. 

“Ngemuva kokutakula umdlwane kwi-drain ngaya nawo edepho yethu e-Motherwell. Ngokuhamba kwesikhathi imenenja yami yangishayela ucingo ukuthi ngiyihambise egatsheni lase-Walmer SPCA.”

UThembekile uthe imenenja yakhe yamtshela ukuthi amshayele ucingo ngenkathi engaphandle kwesango lakwa-SPCA futhi uzoxhumana nabo ukuze bavule isango.” 

Ngesikhathi ngisalinde ukuvulwa kwesango, kwafika amadoda amabili acela umentshisi wokuwokhela ugwayi wawo. Ngabatshela ukuthi anginawo.”

Babe sebengihlasela, bangishaya yonke indawo. Ngizamile ukulwa kodwa bagcina benginqobile ngawela phansi. Bathathe imali engama-R600 esikhwameni sami semali, iselula kanye nomazisi wami. Bathathe nezincwadi zami zokushayela kanye nekhadi lami le-medical aid. 

“UThembekile usizwe unogada oyedwa emotweni yenkampani.” 

Ngilahlekelwe yikho konke kodwa nginenhlanhla ukuthi abaphangi bebengenazo izikhali. Ngijabule ukuthi umdlwane awulimalanga,” uyasho. 

Ngesibindi sakhe, iMeya yoMasipala wase-Nelson Mandela Bay, uNqaba Bhanga unikeze UThembekile umklomelo wokwenza kahle izolo. 

IKhansela uBhanga uthe abasebenzi bezidingo ezibalulekile banomsebenzi wokuvikela kokubili abantu nezilwane.

UThembekile uthe ukuhlaselwa kwabasebenzi bezidingo ezibalulekile kuyinselelo enkulu.

“Sinxusa imiphakathi ukuthi isebenzisane nabomthetho ukuze kuvikelwe abasebenzi,” kusho uThembekile.

“Lo mklomelo ungenza ngiziqhenye. Udambisa izinhlungu zokubanjwa inkunzi.”

Izihloko zakamuva