Umqeqeshi weKaizer Chiefs uCedric Kaze utusa abadlali ababuyile ngokuwina

Lubhalwe nguDylan Bettencourt

Abalandeli beKaizer Chiefs abebewotha ubomvu bamashele eNaturena ngemuva kokuhlulwa kathathu kodwa manje Amakhosi asenqobe imidlalo emine ilandelana.

Umqeqeshi uCedric Kaze uthi ukubuya kwabadlali abebelimele enkundleni kunikeza iKaizer Chiefs ithuba lokukhetha kanye nemiphumela engcono yemidlalo.

Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uCedric Kaze, uthi ezakhe seziyawina futhi ngoba abadlali abebelimele babuyile enkundleni. Iqembu lihlule iTS Galaxy eFNB Stadium ngeSonto. Lokhu bekuwukuwina kwabo kwesine kulandelana.

Ngaphambi kwalo mdlalo iKaizer Chiefs ihlulwe imidlalo emithathu. Imiphumela emibi ithukuthelise abalandeli. Abalandeli bamashele eNaturena befuna ukuthi iqembu lixoshe uKaze nozakwabo umqeqeshi uKhalil Ben Youssef.

Kusukela lapho, iKaizer Chiefs isihlule iDurban City, iMagesi, i-ORBIT College neTS Galaxy. Iqembu manje liphokophele ukuqeda endaweni yesithathu ephezulu kuBetway Premiership. Ukwenza lokhu kuzobenza bangene emiqhudelwaneni yeCAF ngesizini ezayo.

UKaze uthe ukuba nesikwati esigcwele kubasizile badlala ibhola elingcono.

“Ukungaguquguquki emiphumeleni yakamuva kuvela ngenxa yokungaguquguquki kwemidlalo nokungaguquguquki ohlwini,” kusho uKaze.

Uthe iqembu belingeke likwazi ukukhetha abadlali abafanayo abaqalayo njenga phambilini. UKhanyisa Mayo, uSibongiseni Mthethwa, u-Ethan Chislett, uGiven Msimango noBradley Cross bonke babuyile ekulimaleni. Uthe ukubuya kwalaba badlali kudala ukuncintisana ngezindawo futhi kumenza akwazi ukukhetha.

UKaze uphinde wathi abadlali bakhe sebehlasela kangcono manje.

“Sinendlela yokudlala ebesisebenza ngayo. Ngokuqondile, izindlela zokungena ngaphakathi kwebhokisi, izindlela zokwenza izimo ze-two-on-one nezindlela zokushaya ibhola noma ingakuliphi  uhlangothi lwenkundla,” esho.

IKaizer Chiefs izovakashela ePeter Mokaba Stadium ngoLwesithathu. Amakhosi azodlala neMagesi FC esemsileni we-log.

Uthe abadlali kumele basheshe balale basebenzele imphumela efanayo.

“Sidinga ukufaka ingcindezi kuwo wonke umuntu oqeqeshwayo nangaphandle kokuziqeqesha ukuze balulame kahle,” usho kanje.

Isithombe esingenhla: Umqeqeshi weKaizer Chiefs uCedric Kaze.

Umthombo wesithombe: Kaizer Chiefs

Izihloko zakamuva