Lubhalwe nguRazeen Gutta
- Owayengumqeqeshi weKaizer Chiefs, uMolefi Ntseki, uqokwe njengomqondisi omusha ekuqeqesheni kuMarumo Gallants, ngenhloso yokuqinisa umkhankaso wabo we-Betway Premiership.
- Isipiliyoni sikaNtseki esiningi, okuhlanganisa nokuqeqesha iqembu lesizwe laseNingizimu Afrika, sizosiza umqeqeshi uDan Malesela ekwakheni isikwati esizoqhudelana nesikwati sentsha.
Owayengumqeqeshi weKaizer Chiefs uMolefi Ntseki uqokwe njengomqondisi omusha wezokuqeqesha kuMarumo Gallants.
Ukubuyela kweGallants esigabeni esiphezulu ebholeni laseNingizimu Afrika kule sizini kubenze bathatha izinyathelo zokuthuthukisa izinto komunye umkhakha wezokuqeqsha. Nokuqokwa kukaNtseki kuzokwenza lokho.
Umsebenzi wokugcina kaNtseki kwaba ngesikhathi engumqeqeshi weChiefs; kodwa-ke, uhambe kwiChiefs maphakathi nesizini edlule ngemuva kokuwuqala kanzima umkhankaso wakhe.
KwiGallants, uzosiza umqeqeshi uDan Malesela emzamweni wokwakha iqembu elizokwazi ukuncintisana namanye amaqembu ku-Betway Premiership.
“UNtseki uqhamuke nesipiliyoni nolwazi olunzulu njengoba eseqeqeshe amaqembu ahlukene esizwe asafufusa. Uphinde wahola iKaizer Chiefs neqembu lesizwe laseNingizimu Afrika eliphezulu,” kusho iMarumo Gallants esitatimendeni.
“Irekhodi elihle likaNtseki uthando lwakhe lokuthuthukisa ithalente labasebancane kumenze wafanelekele kuleli qembu. Lo mqeqeshi odabuka e-Botshabelo, usiqonda ngokujulile isifundazwe sase-Free State nabalandeli baso. Lena ibhonasi eyengeziwe eqenjini leGallants elizinze e-Bloemfontein.
“Ithimba nabaphathi beGallants babubheke ngabomvu ubuholi bukaNtseki kanye nobuchule bokweseka ukukhula nempumelelo yeqembu,” kuphetha isitatimende.
Esithombeni esingenhla: UMolefi Ntseki.
Umthombo wesithombe: @_marumogallants
