Umqeqeshi ubolekise ngomdlali ovelele 

Lubhalwe nguDylan Bettencourt

UJoão Cancelo uthathwa njengomunye wabadlali basemuva abahamba phambili emhlabeni, pho kungani uPep Guardiola emvumele ukuthi abolekwe i-Bayern Munich?

Kungenxa yokuthi uGuardiola ukhethe ukuziphatha kweqembu ngaphezu kwezifiso zomuntu oyedwa, noma ngabe lowo muntu wenza kahle kangakanani ebholeni.

Kubikwa ukuthi lo mdlali wase-Portugal uxabane noGuardiola ngemuva kokubekwa ebhentshini imidlalo emithathu ilandelana ngoLwesihlanu ebusuku ngesikhathi bebhekene ne-Arsenal kwi-FA Cup.

Abadlali bebhola bangaba nomthelela omkhulu eqenjini lebhola futhi sike sabona phambilini abaqeqeshi beba ngabokuqala ukuphuma eqenjini ngemuva kokuxabana nomdlali.

Abaqeqeshi abaningana abafana noJosé Mourinho kanye noFrank Lampsrd babona ingcindezi yabadlali iba imbangela yokuwa kwabo.

Kodwa uGuardiola uphume phambili. Njengoba ekhiphe uCancelo ngemuva kokuthi athengise uZinchenko kwi-Arsenal ehlobo, uGuardiola ushiye iqembu lakhe lingenabadlali basemuva kwesokunxele. Kodwa ukuzidela bekufanelekile ukuze kukhuliswe isimilo – futhi ukuziphatha okuhle yikho okudingwa i-Manchester City ngaphezu kwakho konke.

I-Manchester isele ngamaphuzu amahlanu kwi-Arsenal esenomdlalo owodwa osele futhi isanda kukhishwa kwi-Carabao Cup i-Southampton.

Into yokugcina edingwa i-City noGuardiola ukuqhuma kwabadlali nokubeka engcupheni ukukhuphula izinga labadlali.

I-aphula elilodwa elibi lonakalisa amaningi futhi uCancelo ubeyi-aphula elibi elithunyelwe ngomkhumbi laya kwi-Munich.

Lo mdlali (28) uzosayina isivumelwano sokubolekwa nompetha baseJalimane abanenketho yokuthenga uCancelo ewindini lokushintsha abadlali ehlobo.

UGuardiola ungomunye wabaphathi abahamba phambili abake babakhona futhi mhlawumbe yingakho ekwazile ukukhipha uCancelo ngaphandle kokubhekana nanoma yikuphi ukugxekwa kwabalandeli noma ibhodi le-City.

Impela kuwukuzidela okukhulu kodwa yilokho obekumele umqeqeshi wase-Spain akwenze ukuze aqinisekise ukuthi iqembu lakhe lisesimweni esihle.

Ngakolunye uhlangothi kuCancelo, isithunzi sakhe nakuba sithikamezeke kancane ngeke sonakale kakhulu.

Umqeqeshi weqembu lebhola ungumphathi wabadlali futhi ukungamhloniphi kungase kufake umdlali enkingeni enkulu. Kodwa ebholeni lanamuhla abadlali bavame ukuhlangana ukuze kuxoshwe umqeqeshi, kodwa hhayi uma kunguPep Guardiola umqeqeshi.

Esithombeni esingenhla: UJoão Cancelo noPep Guardiola

Umthombo wesithombe: Premier League

Izihloko zakamuva