Umphathi wendawo yokucwala izinwele ulahlekelwa abasebenzi abahlanu ngenxa yokufuduka kwabasebenzi bakhe baseGhana

Lubhalwe nguPalesa Matlala

Imenenja yendawo yokucwala izinwele uKufi Mubarake (34) ulahlekelwe abasebenzi abathathu be-dreadlock kanye nochwepheshe ababili bezinzipho kanti manje uvala isaluni yakhe ngo-3 ntambama nsuku zonke ukuze aphephe.

UMubarake ubiza u-R250 ikhasimende ngalinye kwi-dreadlock futhi uthi akanayo imali yokuvala isikhala sabasebenzi bakhe baseGhana afake abantu baseNingizimu Afrika abafuna ukunyuselwa umholo.

UKufi Mubarake unabasebenzi abayishumi. Emasontweni ambalwa edlule, abahlanu kubo baye ekhaya eGhana futhi ngempelasonto edlule, ujikise amakhasimende angu-17 e-dreadlock ngoba bekungasekho muntu ozokwenza umsebenzi.

Ngo-R250 ikhasimende, lowo ngu-R4,250 elingawenzanga ngezinsuku ezimbili.

Kuseza irent kaNtulikazi akazi uzoyikhokha kanjani.

“Njengomphathi wale ndawo sekunzima ukuqhuba ibhizinisi eNingizimu Afrika,” kusho uMubaraka (34) etshela iScroll.Africa.

“Ngeke ngiqashe muntu okwamanje kuze kube ngcono. Futhi ngeke ngikwazi ukuqasha abantu baseNingizimu Afrika ngoba bafuna imali eyengeziwe.”

Ulahlekelwe ochwepheshe abathathu be-dreadlock kanye nochwepheshe bezinzipho ababili. Abanye bebengenazo izincwadi bakhetha ukuhamba. Ubalula ukuthi uqashe nabasebenzi abangamaZulu nabeTswana.

Ukuhamba kwabo kuyinkinga enkulu. Babalelwa ku-800 abantu baseGhana abathe bafuna ukubuyela emakhaya, njengoba abangu-300 sebehambile, ngaphambi komnqamulajuqu wangomhlaka-30 KuNhlangulana oqhutshwa amaqembu amelene nabokufika. INigeria yenza izinhlelo zokubuyisa abantu bakhona ababalelwa ku-400.

IMozambique isivele ikhiphe abantu abangu-545, kanti kulindeleke ukuthi isibalo sande. Uhulumeni waseMalawi uthe uzosiza izakhamuzi zakhona ezifuna ukuhamba.

Njengoba isimo sishubile, uMubarake uthathe isinqumo sokuvala ngo-3 ntambama nsuku zonke – ngaphambi kwesikhathi esijwayelekile ukuvikela amakhasimende akhe nabasebenzi.
“Kodwa ngilahlekelwa yimali,” kusho yena.

Amakhasimende akhe nawo abhekene nobunzima. ULynda Tsetse (30)ufike esaluni yakhe evamile kuleli sonto wathola ukuthi u-Eric, umlungisi wakhe wezinwele ojwayelekile uhambe elibangise eGhana ngeledlule kungekho ozothatha indawo yakhe.

“Ngikhetha abantu baseGhana uma kuziwa endabeni yezinwele. Baziqonda kangcono izinwele zami,” esho.

Usafuna umuntu omusha, kodwa ukumthola kusho ukuqhubekela phambili nokusebenzisa imali eningi kwezokuthutha.

Izinhlangano zomphakathi okubalwa kuzo iMarch and March kanye neNgobunsizwe Foundation sezimemezele izinhlelo zokukhombisa ngobuningi babo abantu abavela kwamanye amazwe, befuna ukuthi abokufika abangenazo izincwadi bahambe. Abahleli bawo baxwayise ngokuthi abantu abanezinye izinhloso bangazihlanganisi nalo mbhikisho.

Esithombeni esingenhla: Indawo yokwenza izinwele eGoli.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva