Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Uzifake enkingeni uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli uMnuz Senzo Mchunu ngokwamukela isipho semvu nengubo emhlanganweni wokulamula izigodi ezilwayo kwaNongoma.
Kulo mhlangano obungoMgqibelo wokunqanda ukuchitheka kwegazi phakathi kwabasesigodini sakwaMusi nabasoNyango, uMchunu ugcine esephiwa ingubo kanokusho yokulala nemvu abantu basoNyango abebebonga ukufika kwakhe.
UNgqongqoshe wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMfundisi Thulasizwe Buthelezi yena uxoshiswe ngezinkomo ezimbili.
Lokhu kwenzeke umphakathi wakwaMusi ungekho njengoba ubuvele uwudubile umhlangano wathi, wona wawubize uNgqongqoshe uMchunu ukuba azoxoxa nawo ngoba yiwo ofelwa kakhulu kodwa yena wafuna ukubahlanganisa nabasoNyango.
UNksz Norma Mbatha wenhlangano emele abakwaMusi okuyiZwi Labantu, ubhale incwadi ngoLwesithathu i-Scrolla.Africa esesiyibonile nayithumele kuNgqongqoshe uMchunu ethi angaphinde alubhade kwaMusi futhi abasazimisele ukuhlangana naye njengoba bekuhleliwe ngoba usevele wakhombisa ukungathembeki ngokuthatha izipho ezitheni zabo.
“Akakwazi uNgqongqoshe ukuthi angathi ezolamula odabeni olubucayi kangaka bese ehlangana nohlangithi olulwa nathi amukele nezipho. Simubonile ezithombeni ehleka kuvela elomhlathi esephiwe imvu nengubo yokulala. Asisamuthembi sicela angabe esaqhubeka nokuzosilamula. Lento ayenzile besivele sikhala ngayo emaphoyiseni aseZululand abehlale ephiwa izinkomo Onyango ekubeni thina sibulawa ngapha,” kusho uNksz Mbatha.
Okhulumela uNgqongqoshe uMchunu, uNksz Kamogelo Mokgotsi uthe abakayitholi incwadi yezikhalo yakwaMusi kodwa uNgqongqoshe usehlele uqedile ukuthi uyohlangana nomphakathi ngoMsombuluko ekuseni kwaMusi.
Le mpi esikhiphe izudumbu ezingaphezulu kuka-28, kuthiwa iqale esikoleni iSihlahlasenkosi High School lapho okwaxabana khona abafundi ababili bagwazana washona omunye.
Imindeni yabe isilwa yodwa kwangena omakhelwane.
Kugcine sekuyimpi yalezi zigodi zombili egcine isinabela emahostela eGoli sebebulalana khona.
Kumanje abantu balala ezintabeni ngoba besaba ukubulawa.
