Umphakathi owathenjiswa itiyela uHulumeni eminyakeni engu-15 eyedlule usuzolithola

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Kubuye ithemba emphakathini waseMtshaza, eJozini osuzofakelwa itiyela ngemuva kweminyaka engu-15 wathenjiswa uMnywango wezokuThutha KwaZulu-Natal. 

Lokhu kulandela ukuthi iMeya kamasipala waseJozini uMnuz Mfananaye Mathe namakhansela akhe behlangane nomphakathi waseMtshaza beyonikeza izimpendulo izolo ngoLwesine ngodaba lokuba nomgwaqo ofakwe itiyela.

Bakwenze lokhu ngemuva kokuba lifakwe ibhuloho nalo obesekuphele iminyaka umphakathi ukhala ngalo.

Okhulumela umasipala uMnuz Scelo Gumbi uthe nalo ibhuloho leli lingcine lifakwa ngemuva kokuthi uMeya uMathe ethathe isinqumo sokuphuma engena ecela usizo kosomabhizinisi ukuba bafakele lo mphakathi ibhuloho.

“Bekunzima nokuba izingane ziye ezikoleni, abagulayo bebekuthola kunzima ukuya emitholampilo ngoba ibhuloho lingekho. Ngisho selifakiwe inkinga ebikhona eyokuthi izimoto bezingakwazi ukuhamba uma izulu lina,” kuchaza uGumbi.

Uqhube wathi kuthe uma kuphothulwa ukwakhiwa kwebhuloho ngenxa yomnikelo woMsamarisa olungileyo, uMathe wabe esenquma ukuthi akusale sekufakwa netiyela.

Ngokusho kukaGumbi lo msebenzi wetiyela kumele kufike uZibandlela usuphothuliwe.

Umphakathi wakule ndawo ujabule wanconcoza njengoba ubusubona sengathi ufana nabalahliwe abangenabani emehlweni kaHulumeni. 

Kwenzeka lokhu nje izindawo eziningi zaseJozini zinenkinga yokuzithola zinganakwa uHulumeni uma kunemisebenzi eyenziwayo endaweni.

Ngonyaka odlule kube nomsindo ngokuthi uHulumeni wachitha imali engu-R48 million ohlelweni lokwakhiwa kwezindonga zokwakha umngcele ohlukanisa elakuleli nelaseMozambique.

Lo msebenzi waqalwa ngo-2019 kodwa ugcine umile ungasaqhubeki iminyaka.

Izihloko zakamuva