Umpetha we-IBF uMthalane ukulambele ukuyoshaya isibhakela

Linda Ximba

Umpetha we-International Boxing Federation flyweight uMoruti Mthalane usekulungele ukuzithintitha uthuli abuyele eringini.

Bekulindeleke ukuthi avikele isicoco sakhe edolobheni langakubo eThekwini ngoZibandlela, kodwa umgqugquzeli wehlulekile ukuhlangabezana nezidingo eziyisisekelo ze-Boxing South Africa zokuvumela lo mqhudelwano, impi yamiswa.

UMthalane – ukuphela komuntu waseNingizimu Afrika njengamanje ophethe isicoco esilingana nemifelandawonye ephezulu njenge-WBC, i-WBA ne-WBO – wasala ekhahlela izithende futhi eshaya isibhakela emoyeni ngenxa yokudinwa kulandela ukumiswa kwempi yakhe noJason Mama wase-Philippines.

Manje uMthalane, onesisindo esilinganiselwa ku-52kg, welulekwe ukuthi avikele ibhande lakhe le-IBF flyweight kuBrithon Sunny Edwards empini ezoba mhla zingama-30 kuMbasa e-London.

Lo mpetha uzobe ezivikela okwesine kude nasekhaya, ngemuva kokuthatha isicoco e-Malaysia ngowezi-2018.

“Ukusho ukuthi ngaphoxeka ngenkathi impi yaseThekwini imiswa ngomzuzu wokugcina, kuyinto engasho lutho,” esho.

“Ngichithe isikhathi esiningi ngilungiselela leyo mpi kodwa akwenzekanga. Futhi kumele ukhumbule ukuthi ngihlale isikhathi eside ngingasebenzi ngemuva kokuthi i-Covid-19 ivale cishe yonke into.”

Uthe ubonga abaphathi bakhe ngokuhlela impi yakhe no-Edwards.

“Ngiwafundile amavidiyo akhe. Ungumshayi sibhakela osezingeni eliphezulu, kodwa kusazobonakala ukuthi uzokwazi yini ukulingana nami ngosuku lwempi,” kusho uMthalane ongaphansi kwamqeqeshi ophumelele uColin Nathan.

Isithombe: Badlefthook

Izihloko zakamuva