Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Ibamba bukhosi besizwe sakwaButhelezi litshele abaseNdlubnkulu abalihlekayo ngokuthatha isikhundla sokuba umkhulumeli weSilo ukuthi noma bangathi alilinde ukuxoshwa noma nini alindandaba ngoba vele liyobe lixoshelwa izono zalo.
INkosi uMpiyakhe Buthelezi ukusho lokhu ngoLwesithathu ntambama nalapho ebememezela khona ukwesula isigubhukane kukaNobhala weSilo okunguMntwana uKhishwengubane waseGazini nobekusaphele inyanga nezinsuku ezingu-11 eqokelwe ukuvala isikhala sikaMnuz Nododile Ndamase kodwa osebuyiselwe.
“Sekukhona abangihlekayo bathi ngingahlali ngikhululeke kulo msebenzi ngoba nami ngizoxoshwa noma kunini.
Minake ngithi anginandaba ngoba nami ngiyobe ngixoshelwe izono zami.
Okwami nje ukuthi umsebenzi sengiwuqalile ngoba ngithi abakhulume abakhulumayo mina ngiyasebenza manje. Kunesisho sesilungu esithi zikhonkotha ehambayo,” kusho Ibamba bukhosi
Inkosi uButhelezi usebeyibamba lakwaButhelezi eMahlabathini iminyaka ngeminyaka kusuka kusekhona uMntwana wakwaPhindangene.
Kuthe noma esekhotheme waphinde wacelwa uMntwana uZuzifa Buthelezi ukuba aqhubeke abambe isihlalo njengoiba yena ematasa ePhalamende.
Kuzokhumbuleka ukuthi njengoba eqokwe ngoLwesibili ntambama iSilo, usengumkhulumeli wesine kulesi sikhundla selokhu iNdlulamithi yathatha isihlalo.
Phambilini bekunguMntwana u-Afrika wasoNkweni kodwa naye owaxoshwa ngemumva kokukhononda okuningi ngaye okubalwa nokulwa neSilo ngoba engeneme ngokuqokwa kukaMfundisi uThulasizwe Buthelezi njengoNdunankulu kaZulu, kube sekuqokwa uMntwana uSimphiwe wakwaMinyamanzi kodwa naye waxoshwa ngoba esolwa ngokuhamba iNgonyama ngemumva nokuthatha amathenda ngegama layo.
Kuthe ngemumva kwalokho kwaqokwa uMntwana uThulani waseZibindini nosemkantshubomvu kulo msebenzi awuqala kusekhona uMdlokombane.
UMntwana uThulani yena uxoshwe kuleli sonto ngoba esolwa ngokulwisa ingonyama noMnuz Nododile Ndamase ngomhlangano obuphakathi kwayo iNgonyama noMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa.
Kule ngxabano kuthiwa kwakundiza inhlamba esabekayo phakathi kwayo iNgonyama noMntwana uThulani owayebuye asole iSilo ngokuvikela uNdamase.
