Umkhuleko wamadoda wasentabeni uzale iqembu elisha lezepolitiki iHope For SA

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Umkhuleko wasentabeni wamadoda abehlangene epulazini lase-Bloemfontain ngonyaka odlule uholele ekusungulweni kweqembu elisha lezombusazwe lamaKrestu okuyi-Hope For South Africa.

Lokhu kuvezwe umholi waleli qembu uMfundisi uJohn Mathule engxoxweni abenayo ne-Scrolla.Africa mayelana nesisekelo esiholele ekukhandweni kwe-Hope For SA nezongenela ukhetho ngomhlaka-29 kuNhlaba.

Uthe kulo mkhuleko kwakuhlangene amadoda kaNkulunkulu angu-300 kunguMasingana ebambe ibhande lezinsuku ezingu-14 ecela uMdali alethe uguquko olungcono eNingizimu Afrika.

Leli qembu lisungulwe abantu abangamakholwa nabangabalimi futhi abakholelwayo ekutheni ukuze izwe lizalwe kabusha kumele liqinise kwezolimo nakwezemfundo kanye nenhlonipho yevangeli.

“Kuthe abanye bethu uma bebuya kuleya nkonzo sacela kwabadala ukuthi siyafisa ukulwela isimo esingcono eNingizimu Afrika. Sasinombono wokuba okungenani kungcono sikhethe iqembu esingasebenza kulo ukuze sikwazi ukulwela abantu bakithi. 

“Nokho umkhuleko esabanawo wasikhomba ngokomoya ukuba sisungule iqembu elizobhekana ngqo nezinkinga esifuna ukulwa nazo,” kusho uMathule.

Uthe i-Hope For SA izongenela ukhetho ezifundweni ezimbili okuyi-Northern Cape ne-Gauteng nakuZwelonke.

Leli qembu kubenamahlebezi okuthi lisungulwe obeyiNhloko yamaJaji eNingizimu Afrika uMogoeng Mogoeng noMfundisi u-Angus Buchus.

UMathule ukuchithile lokho wathi uMogoeng noBuchus babayingxenye yezinkonzo zamadoda abazihlelayo kodwa kabayona ingxenye yaleli qembu.

Uphinde wakucacisa ukuthi yize isisekelo seqembu i-Hope For SA sisukela emkhulekweni wamadoda kodwa lona linobuholi obuxubile okukhona abesifazane nabezinhlanga ezahlukene. 

UMathule uke wabasematheni ngonyaka odlule ngesikhathi ekhuza udlame phakathi kwabantu abamnyama namabhunu ase-Senekal ngesikhathi yayibambene ngezihluthu ngaphandle kwenkantolo yase-Bloemfontain lapho okwakunecala lokubulawa kukaBrandin Horner.

UMathule uthe iqembu labo liyakholelwa ekutheni inkinga idalwa abaholi bezombusazwe abaqhatha abantu ngokobuhlanga ngoba befuna ukufeza izinhloso zabo.

Uthe iqembu labo yize kungelamaKrestu kodwa lamukela bonke abahambisana nesisekelo sabo.

Izihloko zakamuva