UMengameli we-IFP ukhuza osikhwili phambana nobhoko abasabisa ukhetho ngodlame

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

UMengameli we-IFP uMnuz Velenkosini Hlabisa ukhuze udlame kubaholi bezombusazwe abasongela ukhetho ngempi ngenxa yokuthi bazobe bengavunyelwe ukungenela ukhetho.

UHlabisa ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma ebandleni lamaLuthela kwaHlabisa ngaphansi kwaseMkhanyakude lapho ebehambele khona inkonzo Yokosuka kukaJesu ngeSonto.

Uthe abaholi abathobele umyalelo wekhomishana ebhekele ukhetho ukuze bavumele abavoti bazikhethele ngokwentando yabo lowo abafuna ahole uHulumeni olandelayo.

“Siyanizwa nikhuluma kokuthi uma kwenzakaleni okhethweni kuyofa abantu. Akukho muntu ozofa lapha. Ngomhlaka-29 kuNhlaba kulowo oyobe engangenanga kuyomele alalele izwi labantu ukuthi bathini.

“ Ngakho siyacela makholwa nisikhulekise ukuze kungabibikho osikhwiliphambana nobhoko ngosuku lokhetho,” kusho uHlabisa.

Ukusho lokhu nje abaholi beqembu iMkhonto weSizwe (MK)  bawotha ubomvu ngesimemezelo seKhomishana yoKhetho eziMele sokuthi owayenguMengameli wezwe uJacob Zuma futhi ohola lona leli akazokuvumeleka ukungenela ukhetho.

Abaholi beMK bathi sebevele banezinhlelo zokucekela phansi izikhungo ezingu-23 000 zokuvota ezweni lonke. 

Umholi wentsha wesikhashana kuleli qembu, uMnuz Bonginkosi Khanyile uthe uma uZuma engekho emaphepheni okuvota ngomhlaka-29 kuNhlaba kuyoqhuma nhlamvana ezinye ziyofekela.

Inkantolo yezoKhetho inomnqamulajuqu obungoLwesibili wokuthi bonke abanezikhalo ngokungenela ukhetho okubalwa naye uZuma kuzomele bazifake eNkantolo yoKhetho ungakadluli umhla zimbili kuMbasa.

Kuyimanje inkulu intukuthelo kumalungu eMK njengoba besola isikhulu se-Cape Gambling Board uDkt Jimmy Matsapola ukuthi nguye ofake isimangalo kwiKhomishana yoKhetho ukuba ichithe uZuma ekutheni angakulungeneli ukungenela ukhetho.

Isikhalo ngoZuma esokuthi ngo-2021 waboshwa wagwetshwa izinyanga eziwu-15, ngakho akufanele abe sohlwini labantu abaya ePhalamende noma kusiShayamthetho kuze kuphela iminyaka emihlanu aphumu ejele.

Izihloko zakamuva